Izindaba

Kuse ngokunye izikhulu zomnyango ziphucwa impahla yezigidi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kushaqwe impahla yezigidi yezikhulu zomnyango wezeMisebenzi yomphakathi nezinkampani eziphakela lomnyango ngemisebenzi njengoba kuqhubeka amacala enkohlakalo, ukweba nokushushumbisa kwemali enkantolo eNkulu yaseMbombela isithombe: sithunyelwe

KUTHELE izithelo ezinhle ukubambisana kwezinhlaka ezahlukene zezomthetho i-Asset Forfeiture Unit (AFU), uphiko lukazwelonke lwezokushushisa kanjalo nophiko oluphenya amacala ayisipesheli noKlebe kushaqwa imphahla yezigidi ezingu-R52.6 million ezikhulwini ezingu-22 zoMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi eMpumalanga, nakumabhizinisi aphakela lo mnyango ngemisebenzi.

Ukushaqwa kwale mpahla kuhambisana nomthetho wesiGaba 26 womthetho Wokuvimbela Ubugebengu Obuhleliwe, 121 ka-1998. Lokhu kumayelana nophenyo lweSIU ngezinkontileka zama-PPE ngesikhathi sokubheduke iCovid-19.

Kubikwa ukuthi izikhulu zalo mnyango zakhipha amathenda ezigidi ukuze kutholakale amaPPE kodwa izinkampani ezanikezwa umsebenzi kazizange ziwenze, zakhetha ukukhokhela lezi zikhulu nemindeni yazo ngezindlela ezahlukene.

Abasolwa abathintekayo abasebenzela lo mnyango nguMacDonald Sigudla, Dorries Mbatha, Bandile Ngcobo, Godisamang Molotsane, Kobus Mkhabela noSipho Monareng.

Izinkampani nabanikazi bazo iMaganeleni Trading and Projects (Pty) Ltd, Anthony Maganeleng Mashigo, Gladness Gugu Bulunga, Thandolwam Transport and Projects (Pty) Ltd, Mbombela Integrated Waste Management Services (Pty) Ltd, Orapaleng Molotsane, Tsidi Susan Sedibe, Superia Services Trading CC, Whisky Delisa Khumalo, Makulaspan Construction (Pty) Ltd, Thabang Lebo Andiswa Dibakoane, Ntando Ms Trading (Pty) Ltd, Bongani Edward Lukhele, Ligabho Le'Africa Properties (Pty) Ltd, Oratile Molotsane no-Ezrom Molotsane

Uphenyo lumbule ingubo ngobugebengu obuhlukene benkohlakalo, ukukhwabanisa, ukweba nokushushumbiswa kwemali okwenziwe yibo bonke laba basolwa.

KUSHAQWE impahla yezigidi yezikhulu zoMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi nezinkampani eziphakela lo mnyango ngemisebenzi njengoba kuqhubeka amacala enkohlakalo, ukweba nokushushumbisa kwemali eNkantolo eNkulu yaseMbombela isithombe: sithunyelwe

Ngokuhambisana noMthetho wama-Special Investigating Unit ne-Special Tribunals Act 74 ka-1996 (uMthetho we-SIU), i-SIU idlulisele ubufakazi bobugebengu ku-NPA nakoKlebe ukuze kuqhutshekwe nophenyo, okuholele ekuboshweni kwezikhulu zomnyango nabahlinzeka ngemisebenzi.

Imvume yokushaqwa kwempahla ikhishwe iNkantolo eNkulu yaseMpumalanga ezinze eMbombela, egunyaze ukushaqwa kwempahla ezindaweni ezingu-34 ezifundazweni iMpumalanga, North West, Western Cape naseGauteng.

KUSHAQWE impahla yezigidi yezikhulu zoMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi nezinkampani eziphakela lo mnyango ngemisebenzi njengoba kuqhubeka amacala enkohlakalo, ukweba nokushushumbisa kwemali eNkantolo eNkulu yaseMbombela isithombe: sithunyelwe

Kule mpahla kukhona izakhiwo ezingu-2, izimoto ezingu-31, nesikebhe, impahla yaphakathi endlini, ubucwebe, izikhali, izihlamvu nemali. Kusukela ngoJulayi 23, abasolwa bavinjelwe ukusebenzisa amabhange abo, ukuthola imiholo, ukubhanga ngobuchwepheshe besimanje.