Izindaba

Baxhase abasiki bengqephu bakuleli ePhalamende

Boniswa Mohale|Published

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi Amancane uNkk Stella Ndabeni-Abrahams ubemuhle ngengubo ebomvu eyimeshise ngezicathulo eziphakeme Isithombe:GCIS

INHLANGANO egqugquzela ukuba kuthengwe imikhiqizo eyenziwe kuleli iProudlySA, idonse ngendlebe amalungu ePhalamende ukuba agqoke umswenko owenziwe ekhaya.

IProudlySA ibinenkundla yokucobelela ngolwazi ePhalamende. Nakukhaphethi obomvu amalungu ePhalamende abekhuluma nomethuli wezinhlelo uThami Dish amchazele ukuthi agqokiswe wobani.

AbeProudlySA bathe kubalulekile ukuthi wonke umuntu agqoke impahla eyenziwe kuleli ukuze kuzodaleka amathuba omsebenzi. Amalungu ePhalamende esilisa ebegqoke imibala ezothile kanti awesifazane ebegqame ngemibala ehlukene.

UNgqongqoshe wamaBhizinisi Amancane, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, uthe kubalulekile ukuthenga yonke imikhiqizo eyenziwe kuleli nokuseka amabhizinisi amancane.

Ubalule ukuthi amabhizinisi amancane adala amathuba omsebenzi amaningi ezweni.

UMUZ Mzwandile Masina we-ANC nenkosikazi yakhe uNkk Sinazo Masina obegqoke igubo enombala wegolide Isithombe: ANC Parliament
USOTSWEBHU we-ANC ePhalamende uMnuz Mdumiseni Ntuli ubeziphihle ngesudi enombala ozothile Isithombe: ANC Parliament
UNKSZ Nonceba Mhlauli oyiPhini likaNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli ubehlobe ngengqubo eluhlaza, inamalivilivi amahle Isithombe: ANC Parliament
IPHINI likaNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Njabulo Nzuza belizicuphe ngesudi empunga nezicathulo ezisesitayeleni Isithombe: GCIS
UNGQONGQOSHE wezeMisebenzi uNkk Nomakhosazana Meth ubedle ingubo enemibala egqamile Isithombe: GCIS
IPHINI likaNgqongqoshe wemiSebenzi kaHulumeni neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala ugqanyiswe yinkosikazi yakhe uNkk Neli Zikala obemeshe kahle ngombala obomvu Isithombe: GCIS
USOMLOMO wePhalamende, uNkk Thoko Didiza uthathwe lapha eqeda kwemukela iNhloko yamaJaji kuleli uJaji Raymond Zondo nowakhwakhe Isithombe: GCIS
UNKK Pemmy Majodina osenguNgqongqoshe waManzi neNhlanzeko ubegcwele amahlaya njengenjwayelo, lapha uthathwe emodelela izithatheli eziqhenya ngobuhle bombhaco wakhe Isithombe: Henk Kruger/Independent Media
UDKT Gwen Ramokgopa ubemoyizela kanjena ehamba kukhaphethi obomvu Isithombe:Henk Kruger/Independent Newspapers
ICIKO lakuleli elidume umhlaba wonke nemidwebo yalo yesiNdebele, uNkk Esther Mahlangu beliyisimenywa esikhethekile sikaMengameli, belihamba nabomndeni walo Isithombe:Henk Kruger/Independent Newspapers
ILUNGU lePhalamende le-ANC uMnuz Malusi Gigaba belimeshise kahle isudi yalo nezicathulo ezibrown Isithombe: ANC Parliament