Izindaba

Kuzoshicilelwa uhla lwamaciko athola imali kuhulumeni nezizathu

Fanelesibonge Bengu|Published

UNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke uGayton McKenzie Isithombe: X

UNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uGayton McKenzie, uthi usekhiphe umyalelo wokuthi kudalulwe lonke uhla lwabathole imali emnyangweni wakhe.

UMcKenzie ungene kulesi sikhundla ngemuva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele iKhabhinethi yakhe entsha eyakhiwe ngohulumeni wobambiswano muva nje.

UMcKenzie ubhale ekhasini lakhe lika-X ngoMsombuluko ekuseni ngesinqumo asithathile.

“Sengikhiphe umyalelo wokuthi kushicilelwe uhla lwawo wonke amaciko nabezemidlalo abebethola imali eMnyangweni wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuvezwe nemali kanjalo nezizathu,” kubhala uMcKenzie.

“Isikhathi sokuthi kuhlomule ingcosana eyazana nabantu siphelile,” kuqhuba yena.

Lo mbhalo ubukeka uthinte abaningi njengoba abanye bese bephawula bekhombisa ukusithakasela isimemezelo.