Izindaba

I-EFF izophikisa isinqumo sokulahla ngecala uNobhala jikelele wayo

Mhlengi Shangase|Published

I-EFF ithe izosiphikisa isinqumo senkantolo yaseKapa sokulahla ngecala uNobhala jikelele uMarshall Dlamini ngecala lokushaya Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)

I-EFF ithi izosiphikisa isinqumo senkantolo yaseKapa, sokulahla ngecala uNobhala jikelele waleli qembu uMarshall Dlamini.

Inkantolo igwebe uDlamini izinyanga ezingu-18 ebhale ejele okuyisigwebo esilengiswe iminyaka emihlanu, ngecala lokushaya iphoyisa ngesikhathi kunenkulumo eyayibhekiswe esizweni ngo-2019 ePhalamende.

Uhlawuliswe uR6 000 ngecala lokulimaza impahla.

Leli qembu lithe uDlamini uzoqhubeka nemisebenzi yakhe nokuba yilungu lePhalamende.

Okhulumela i-EFF uNksz Lee Anne Mathys, uthe uDlamini wayezivikela ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ePhalamende.

Uthe wayevikela ubuholi be-EFF njengoba amaphoyisa ayeveze ukuthi umholi waleli qembu uMnuz Julius Malema wayengenzakaliswa.

“Leli cala likuveza ngokusobala ukuthi kwakunezinhlelo zokucasula ubuholi be-EFF. Kwakunezinhlelo ngaleliya langa zokuthi kuvinjwe amalungu e-EFF ukuthi enze umsebenzi wawo. Yingakho sizosiphikisa lesi sinqumo senkantolo ngokuhlanganyela noDlamini.”

Uthe inkantolo ikuvezile ukuthi uDlamini ngeke esakuphinda lokhu akwenza.