Izindaba

Asewu-9 awezepolitiki azokwakha uhulumeni wobumbano

Simphiwe Ngubane|Published

UMENGAMELI weRise Mzansi, uMnuz Songezo Zibi okuvela ukuthi sebeyingxenye yamaqembu epolitiki azokwakha uhulumeni wobumbano Isithombe: Timothy Bernard African News Agency (ANA)

Iyaqhubeka nokuxoxisana namaqembu ahlukene ezepolitiki i-ANC njengoba eseyisishiyagalolunye azibophezele ukuba ingxenye yokwakhiwa kukahulumeni wobumbano.

NgoMgqibelo iRise Mzansi ikhiphe isitatimende isho ukuthi ingenile. Ilandele eduzane i-United Democratic Movement (UDM) ejoyine ngoLwesihlanu.

Amanye amaqembu akwiGovernment of National Unity (GNU) yi-ANC, DA, Patriotic Alliance (PA), IFP, PAC, Good Party neFreedom Front Plus.

Kwenzeka lokhu nje, amehlo athe njo kuMengameli Cyril Ramaphosa ukuba abumbe bese emezela iKhabhinethi yakhe.

NasePhalamende bebengakamenyezelwa abazoba osihlalo bamakomiti abhekele ukusebenza kweminyango ehlukene.

Esitatimendeni iRise Mzansi ithe isinqumo sithathwe ngoLwesihlanu ebusuku ubuholi bayo emuva kwezingxoxo namaqembu ehlukene kuhlanganisa ne-ANC.

Leli qembu lithi kuhle ukuba ingxenye kahulumeni wobumbano ukuze kufezekiswe izinto abazithembisa abavoti ngesikhathi bekhankasa.