Izindaba

Amaphoyisa afuna abadubule kwafa abayisithupha eKZN

Intatheli YeSolezwe|Published

AMAPHOYISA athungatha ababulale abayisithupha eMnambithi ngoMsombuluko

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal asezinike amahora angu-72 ukuthungatha abasolwa ngokuqotha abantu abayisithupha kwalimala abane Entshele, Ezakheni, eMnambithi, ngoMsombuluko ebusuku.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, abantu abangu-12 bebehamba ngeveni emgwaqweni uHelpmekaar, ngesikhathi kuqhamuka enye imoto abebekuyo bavulela ngenhlamvu bebhekise kubo.

Abesifazane abayisithupha; oneminyaka ewu-37, ababili abana-17, ona-15, oneminyaka emihlanu nonemibili baphelele endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abesilisa ababili nabesifazane abathathu baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokulimala. Owesifazane oneminyaka ewu-21 uphunyuke engenamyocu.

Uthe imbangela yalokhu ayikaziwa, wanxusa abanolwazi ngabasolwa ukuthi babikele amaphoyisa aseduze noma bashayele u-08600 10111.