Izindaba

I-Investigating Directorate iphawula ‘ngokuboshwa’ kukaMantashe

Intatheli YeSolezwe|Published

USihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe Isithombe: Sigciniwe

I-Investigating Directorate (ID) ngaphansi kophiko lwezokushushiswa komphakathi iNational Prosecuting Authority (NPA) luthi lucela ukushayiswa ngomoya lwenze umsebenzi walo ngaphandle kokuqagela okungenasidingo.

I-ID ikusho lokhu ngesikhathi iphawula ngodaba oluphume kwiSunday World ngeSonto lapho kubikwe ukuthi uSihlalo we-ANC kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe uzokhalelwa amasongo kaSigonyela maduze.

Ithe ukuboshwa kwakhe kusukela ekutheni imizi yakhe eGauteng nase-Eastern Cape yengezelwa ezokuphepha yinkampani iBosasa eyayithola amathenda kuhulumeni.

Iphephandaba licaphune ababili abasondelene noMantashe omunye okuthiwa uthe uyazi ngokuboshwa kwakhe futhi inhloso yakho ukumhlambalaza.

Esitatimendeni i-ID ithe ayiphawuli ngophenyo esuke ilwenza futhi kubalulekile ukuthi kuqondiswe inkulumo ethinta ihhovisi layo.

“I-ID ayisithathanga isinqumo noma ikhulume ‘ngokuboshwa okuzokwenziwa maduze’ kukaMnuz Mantashe. Akucaci ukuthi le nkulumo isukaphi kodwa ayiveli kwi-ID,” kusho isitatimende.