Isithombe sesiteshi sikagesi esishe sangqongqa ngoLwesithathu kwaphazamiseka ugesi ezindaweni ezehlukene eSoweto isithombe: Jozi FM/FACEBOOK
ABASE-ESKOM basola ubugebengu kugqabuka ilangabi esiteshini sikagesi eZola eSoweto ngoLwesithathu.
Ukusha kwalesi siteshi kuphazamise izakhamuzi eziningi eDobsonville, eMndeni, Jabulani, Moletsane, Mofolo North, Naledi, Tladi, Zola naseZondi eziphakelwa yilesi siteshi ugesi.
I-Eskom iphuthumise ama-Technician ukuphenya ngalesi sehlo nokuhlola umonakalo nokuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuphothula umsebenzi wokulungisa le nkinga.
Uphenyo lokuqala lwe-Eskom ngokusho kuka-Innocentia Zabala okhulumela le nkampani, luveza ukuthi ukusha kudalwe yinkinga yobugebengu. Uthe kusolwa izinswelaboya ebezizama ukweba i-transformer kwase kusha enye. Uthe lokhu kubonakale ngokungabibikho kwamafutha e-transformer nabakholwa wukuthi ebiwe.
"Abasebenzi bethu bamatasa nomsebenzi wokuzama ukulungisa isimo ukuze kusizakale izakhamuzi ngogesi. Izindawo ezifana naseMndeni, Moletsane, neDobsonville endala zisanenkinga," kusho yena.
Uqhubeke wathi okwamanje kabakwazi ukusho ukuthi uzobuya nini ugesi kulezi zindawo kodwa basebenza ngokuzikhandla ukulungisa inkinga. Uthe kukhona onogada abaqaphe isimo kulesi siteshi kwazise siyintandokazi yemigulukudu.
Related Topics: