Izindaba

Ukhathazwa yiminyaka yakhe ophothule iziqu

Khulekani Maseko|Published

UNKSZ Zanele Mathenjwa Isithombe: SITHUNYELWE

UHLUSHWA wumcabango wokuthi ngeke esaqasheka emkhakheni awufundele kanzima ngenxa yeminyaka yakhe, ophothule iziqu zakhe emva kokuthi wayeqale wasebenza enkampanini ehlanza esibhedlela iminyaka eyisikhombisa.

UNksz Zanele Mathenjwa (37) ongowokudabuka eGroutville, KwaDukuza, wethweswe iziqu i-Degree in Environmental Science yi-University of South Africa ngesonto eledlule. Yize ukusebenza kanzima kukaNksz Mathenjwa nesifiso sokuguqula isimo sakubo nokuthweswa lezi ziqu kulethe inhlansana yethemba, kodwa uthe injabulo anayo ibuye ibe nebohlololo uma ecabanga imigomo yezinkampani eziningi kuleli neminyango kahulumeni enikeza ithuba abantu abaneminyaka engaphansi kuka-35 ama-internship okuyiwo akuvulela iminyango namava adingekayo emkhakheni osuke ulangazelele ukuqashwa kuwo.

“Ngijabule kakhulu, yikhona ukuthi angazi ngizoqashwa kuphi njengoba sengineminyaka ewu-37 nje, yilokho okungikhathazayo. Ngiwumuntu okhule ekhaya kulinywa, ngakho izinto ezisondelene nemvelo nezolimo yizinto engikhule ngizithanda. Yingakho ngaqoka ukwenza lezi ziqu, engizenze iminyaka emine kusuka ngo-2020,” usho kanje.

UNksz Mathenjwa uthe waqeda u-matric ngo-2008 esikoleni samabanga aphezulu eGroutville. Kuthe ngo-2012 wathola umsebenzi wokuhlanza enkampanini ehlanza esibhedlela i-Alberlito esiseBallito. Ngo-2017, kwavalwa inkampani ayesebenza kuyo, wabe esefikelwa wumcabango wokubuyela esikoleni ayolungisa u-matric wakhe njengoba wayengaphasanga kahle. Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-30, kanti kwadingeka ukuthi aqale ku-grade 11 esikoleni amukelwa kusona iBhekikusasa High eMpangeni. Ngo-2019, waphasa u-matric wakhe ngo-B, wathola isikhala sokufunda e-Unisa ngo-2020, kusuka lapho akabange esabheka emuva.

Uthe beziningi izinselelo abhekana nazo ngesikhathi efunda kule nyuvesi kwazise ubengafundi ngokugcwele kanti ubesevele esebenza njengomsebenzi ojwayelekile nje kwenye yezimboni khona KwaDukuza nokuyilapho asasebenza khona namanje.

“Bengibuya emsebenzini ngikhathele, kwesinye isikhathi kade ngingena ebusuku ngizela, kodwa kuphoqa ukuthi ngenze umsebenzi wesikole. Bekunzima kangangoba ngo-2022 kukhona isifundo engisifeyilile kwaphoqa ukuthi ngisiphinde nyakenye ukuze ngithweswe iziqu zami,” usho kanje.

Uthe isifiso sakhe ukuthola umsebenzi awufundele ukuze athole amava adingekayo.