Izindaba

Owe-EFF uchitha ucwaningo oluthi baxetshulwa iMK eKZN

Sabelo Nsele|Published

UNOBHALA Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, uhole imashi ye-EFF ebiseThekwini, izolo Isithombe: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

UNOBHALA Kikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, akafuni nokuyizwa eyemiphumela yocwaningo ekhombisa ukuthi ukuvela kweMK kuzobalahlekisela ngamavoti KwaZulu-Natal.

UDlamini uthe i-EFF isazoqhubeka nokwenza kahle KwaZulu-Natal, wathi bazogila izimanga okhethweni lwangesonto elizayo.

Ukusho lokhu ngesikhathi benemashi yokukhombisa amandla abo, izolo.

Imashi ebiseThekwini, iqale eBotha Park, yayophelela olwandle.

Ucwaningo lwe-Ipsos lukhombisa ukuthi kunamalungu e-EFF asefudukele kwiMK, eholwa owayengumengameli, uJacob Zuma.

Imiphumela yocwaningo ize yadala ukuthi abaholi be-EFF bajube uDlamini ukuba azoqinisa umkhankaso waKwaZulu-Natal.

AMALUNGU e-EFF abephume ngobuningi ngesikhathi enemashi yokuzikhombisa amandla eThekwini Isithombe: Sibonelo Ngcobo/ Independent Media

UDlamini uthe i-EFF angeke iphazanyiswe ukuqhamuka kweMK.

“Baningi ababhalile ukuthi sekuphelile nge-EFF. Labo abathi i-EFF ayizukwenza kahle lapha KwaZulu-Natal bazozibonela okhethweni ukuthi i-EFF iyaphila lapha KwaZulu-Natal.”

UDlamini uthe okufakazela ukuthi angeke baphazanyiswe yiMK ukuthi bakwazile ukukhankasa eNkandla, lapho kuqhamuka khona uZuma.

UDlamini uthe ngesikhathi somkhankaso baphinde bakhombisa amandla abo ngokuthi bakhankase ezizindeni ze-ANC ne-IFP.

UDlamini uthe bakwazile ukuyisa umkhankaso wabo ezindaweni okuqhamuka kuzo abaholi abaqavile be-ANC.

Ubale umkhankaso wabo owawuseKokstad, lapho kuqhamuka khona uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo.

“Ngisho naye uMtolo akakwazanga ukusivimba, wabaleka wayocasha ngesikhathi sesifikile.”

UDlamini uthe bakwazi ukukhankasa esifundeni Ugu, lapho kuqhamuka khona uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma.

UDlamini uthe baphinde bakwazi ukuyokhankasa ezizindeni ze-IFP, wabalula uLundi.

“UHlabisa (uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini) wayengeke asivimbe, asivimbeki. Ukukhankasa kwethu kuzo zonke izindawo kukhombisa ukuthi yonke le ndawo kwelikaMthaniya, wumhlaba we-EFF.”

UDlamini uthe alikho iqembu abalisabayo lapha KwaZulu-Natal.

“Abeze, sizobashaya behlangene. Labo abathi bafuna ukuba ondunankulu, bazogcina ngokuba ondunankulu emizini yabo. Amaphupho nje lawa esizowaqeda ngesonto elizayo. Angeke babe ondunankulu sisekhona.”

UDlamini uthe i-ANC izophuma emandleni, wanxusa abaseNanda ukuba baye elibeni likamengameli wokuqala we-ANC, uJohn Dube, bayombikela ukuthi i-ANC iyaphuma emandleni ngesonto elizayo.