Izindaba

Akalubhadi uZuma ePhalamende - Inkantolo

Khethukuthula Sangweni|Published

INKANTOLO yoMthethosisekelo inqume ukuthi owayengumengameli uJacob Zuma akafanelwe wukuba sohlwini lwabaya ePhalamende Isithombe : FACEBOOK/UMKHONTO WESIZWE PARTY

UGQEMEKE engeqiwa ntwala owayengumengameli wezwe uJacob Zuma neqembu elisha uMkhonto weSizwe, ngesikhathi iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi akayi ePhalamende.

IJaji Leona Theron ebeliphelezelwa amanye amajaji likhiphe isinqumo esilahla uZuma ngoMsombuluko ekuseni.

I-IEC yamemezela ukuthi uZuma akafanelwe wukuba sohlwini lwabaya ePhalamende ngoba walahlwa ngecala wagwetshwa wanganikwa nethuba lokukhokha inhlawulo.

Abe-MK basedlulisa isinqumo yafika yabavuna iNkantolo yezoKhetho kodwa i-IEC yalwedlulisa udaba ithi ayenelisekile. IJaji uTheron, uthe kumile ukuthi uZuma walahlwa ngecala wagwetshwa futhi akakwazi ukuya ePhalamende.

“ I-IEC isuke ihlunga abantu abaya ePhalamede ukuze kuvikelwe isithunzi sombuso wentando yeningi. I-IEC inamandla okwenza lowo msebenzi wayo ngaphambi kokuthi kubunjwe iPhalamende,’’ kusho iJaji uTheron.

IJaji lilibeke ngembaba elokuthi isinqumo seNkantolo yezoKhetho siyachithwa kuzobe sekusebenza eseNkantolo yoMthethosisekelo.