Izindaba

Ubalisa ngokubulawelwa ingane owayekhweleza

Simphiwe Ngubane|Published

U-Ayabonga Mthethwa (2) owabulawa walahlwa egcekeni kubo eSiqungeni, eMthwalume, kwaboshwa owayeyisoka likanina Isithombe: Sigciniwe

UBALISA ngosizi lokubulawa kwengane yakhe ebineminyaka emibili owesifazane okugcine kuboshwa owayeyisoka lakhe “elalingafuni ukwaliwa” eSiqungeni, eMthwalume.

UNksz Phumzile Mthethwa ongunina ka-Ayabonga, uthi namanje usabuzwa ubuhlungu uma ecabanga ingane yakhe.

Kusolakala ukuthi u-Ayabonga ubulawe owayeyisoka likaNksz Mthethwa abase behlukene nalo, uMnuz Siyabonga Ndlovu ngenyanga edlule.

“Angikho kahle emoyeni futhi angikhoni nokulala ebusuku ngihlala ngicabanga ingane yami. Isizungu sakhe siningi ngoba ubeyingane eziqinele nje. Ngiguliswa nayinqwaba yemibuzo engihlale ngibuzwa yona abaseshi,” kubalisa unina kamufi.

Ube esefisela uNdlovu ukuthi aqhubeke nogqunywa ezitokisini aze alahlwe icala bese egwetshwa udilikajele. Nakuba ethe lokhu ngeke kuyivuse ingane yakhe kodwa kuzomthoba amanxeba.

Uthe ukube bekusekhona isigwebo sentambo ubezofuna ukuthi uNdlovu agixabezwe ngaso.

UNdlovu usanda kunqatshelwa ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseMzumbe ayekade evele kuyona.

Bekulindeleke ukuthi abuyele enkantolo efanayo ngoLwesihlanu lapho bekuzokwenziwa khona amalungiselelo okuthi icala lidluliselwe enkantolo enkulu.

Kusolakala ukuthi uNdlovu, obengamzali u-Ayabonga, wagajwa isikhwele engafuni ukwaliwa uNksz Mthethwa wadubela kumufi.

Kusolakala ukuthi uNdlovu wathatha ingane kunina wayo omncane, uNksz Anele Mthethwa.

Lo wesifazane uthi uNdlovu wathi uthunywe wunina wengane abahlezi naye kwamakhelwane ukuba azoyithatha kanti uyamkhohlisa.

Kusolakala ukuthi uNdlovu wabulala u-Ayabonga wase eshayela ucingo unina wengane emazisa ukuthi usembulele isidumbu wasilahla egcekeni eduzane kwethangi lamanzi, wasimboza ngobhavu.

Emuva kwalokho le ndoda kusolakala ukuthi yacasha, yase icela imali yokugibela ukuze ibaleke eMthwalume.

UNksz Mthethwa (Anele) uthe esinye sezihlobo zikaNdlovu sathi akangene ebhuthuni yemoto ukuze amhambise lapho eya khona kanti simusa ngqo esiteshini samaphoyisa, kwaba ukuboshwa kwakhe.