Izindaba

Kuboshwe odayisa upharafini ngaphandle kwemvume

Fanelesibonge Bengu|Published

Indawo lapho kugcinwa khona upharafini obudayiswa wumsolwa Isithombe: Sithunyelwe

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eThekwini namuhla ngoLwesihlanu umsolwa oboshelwe ukudayisa upharafini ngokungemthetho eSiphingo ngoLwesine.

Umsolwa, oneminyaka engu-55, uboshwe woKlebe ngokudayisa ngaphandle kwemvume.

Okhulumela oKlebe uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe bathole ulwazi ngokwenziwa wumsolwa base benikela lapho esebenzela khona.

“Ngesikhathi befika bafice amaloli amabili ediliza upharafini. Umnikazi wendawo utshele amalungu ethu ukuthi uqale ibhizinisi ngonyaka odlule,” kusho uMhlongo.

Uthe wahlawuliswa u-R10 000 ngokusebenzisa indawo engenaso isitifiketi sobungozi nokugcina impahla enobungozi ngaphandle kwemvume. Umshayeli uhlawuliswe uR5 000 wokuthulula ngaphandle kwemvume.

“Umnikazi webhizinisi uboshelwe ukudayisa ngaphandle kwemvume.”