Izindaba

I-ANC iyamsaba uZuma njengoba ihlehlise isigcawu: ungoti

Sabelo Nsele|Published

UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uvikele isinqumo sokuhlehlisa isigcawu sokuqondiswa ubugwegwe kowayengumengameli, uJacob Zuma Isithombe: Facebook

UMHLAZIYI wezepolitiki uthe ukuhlehliswa kwesigcawu sokuqondisa ubugwegwe kowayengumengameli, uJacob Zuma, kukhombisa ukuthi ubuholi be-ANC buyesaba ukuthathela uZuma izinyathelo.

Umhlaziyi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe kufanele engabe kade i-ANC yamxosha uZuma ngoba vele usekhankasela iqembu elincintisana nayo okhethweni, iMK.

Lokhu ukusho emva kokuthi i-ANC iqinisekise ukuhlehliswa kwesigcawu sokuqondisa uZuma ubugwegwe.

“Bayazi ukuthi kunabantu abangaphakathi kwi-ANC abamthandayo uZuma futhi uZuma ulandelwa izinkumbi zabantu, ikakhulukazi abangamaZulu. Ingakho abaholi be-ANC bevele bangenwa amanzi emadolweni, bahlehlisa isigcawu.”

Isigcawu sokuqondisa uZuma ubugwegwe bekufanele sibe kusasa, ekomkhulu le-ANC, iLuthuli House.

I-ANC ikhombe izinsolo zokuthi kungase kube nodlame, yase ihlehlisa isigcawu. Amalungu eMK abethe azohlangana eLuthuli House, ezokweseka uZuma.

UNdlovu uthe enye into eyenza ukuthi kube nzima kwi-ANC ukuba ixoshe uZuma manje ukuthi iyazi ukuthi kusangenzeka ukuthi ibuye imdinge emva kokhetho.

“Kunezinkomba zokuthi i-ANC angeke ilunqobe ngamalengiso ukhetho oluzayo, ikakhulukazi lapha KwaZulu-Natal. Kungenzeka ukuthi bazophinde bamdinge uZuma emva kokhetho.”

UZuma ubhekene namacala amabili, elokukhankasela iqembu elincintisana ne-ANC, nokuba ilungu leqembu elincintisana ne-ANC. Wamiswa kwi-ANC emva kokuthi ememezele ukuthi uzokhankasela iMK.

UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, usivikele isinqumo sokuhlehlisa isigcawu sokuqondisa uZuma ubugwegwe.

“Asifuni ukuphinde sibone le nto esayibona mhla i-DA inemashi lapha eLuthuli House. Udlame aluzange lube lukhulu ngelanga le-DA kodwa kulokhu sibona sengathi udlame beluzokuba lukhulu. Sihlehlise isigcawu ngoba nakhu singafuni ukuthi kube nodlame.”

UMbalula uthe uZuma uyaqhubeka nokukhombisa ukuthi akaselona ilungu le-ANC.

“Akakhombisi ukuzisola, ukhombisa ukuthi uzimisele ngokushiya i-ANC.”

I-MK ikugxekile ukuhlehliswa kwesigcwawu.

Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe alukaze lube khona udlame lapho amalungu eMK esuke ezokweseka khona uZuma.

Uthe izinsolo zodlame ezenziwa i-ANC zisho ukuthi yiyo i-ANC enochuku.

“Kusho ukuthi amalungu e-ANC iwona abezovele abhozomele abantu abamsulwa. Vele amalungu e-ANC kade aqala esisongela, aze asihlasela ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela ebaQulusi. Le nto ikutshela ukuthi amalungu e-ANC ayimdlwembe.”

UNdhlela uthe uZuma ubesewaqalile amalungiselelo okuyovela phambi kwesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe.