Izindaba

Abe-EFF basukumiswa ucwaningo oluthi banqindwa iMK eKZN

Sabelo Nsele|Published

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema ngesikhathi ehambele umcimbi wokubungaza usuku lwabasebenzi Isithombe: Facebook

ABAHOLI be-EFF babhukuliswa wucwaningo oluthi umkhankaso wabo waKwaZulu-Natal uphazanyiswa ukuvela kweqembu elikhankaselwa owayengumengameli uJacob Zuma, iMK.

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema uthe bazokwenza konke okusemandleni abo ukunqanda okushiwo ucwaningo lwe-Ipsos, oluthi kuzokwehla ukwesekwa kwabo KwaZulu-Natal.

Ucwaningo lwe-Ipsos luxwayise ngokuthi ukwehla kwesibalo samavoti esizotholwa i-EFF, KwaZulu-Natal kuzokwehliswa isibalo samavoti esizotholwa yi-MK kuzwelonke.

Ukuvela kweMK kushintshe izinto KwaZulu-Natal. Ucwaningo lwe-Ipsos luthole ukuthi kunamalungu e-EFF asehamba neMK.

NgoFebhuwari ucwaningo lwe-Ipsos lwalukade luthe i-EFF izothola u-19%, kodwa olwakamuva luthi izothola u-11.5%.

Ucwaningo luthi iMK yona izothola u-8%. Lokhu kwenziwe kwenziwe kubantu abangaphezulu kuka-2 500 abahanjelwe emakhaya abo.

I-Ipsos ithe yenze ucwaningo phakathi kuka-Mashi no-Ephreli, kuzo zonke izifundazwe zakuleli.

Isifundazwe iKwaZulu-Natal singesesibili ngokwesibalo sabantu ababhalisele ukuvota ekupheleni kwenyanga esiwu-20% siqhamuka kusona.

UMalema uthe bazokuba senkingeni enkulu uma bengase bangenzi kahle KwaZulu-Natal.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva komcimbi we-EFF wokubungaza usuku lwabasebenzi, obuseGauteng.

“Ucwaningo lwe-Ipsos lukhombisa ukuthi siyakhula kuzo zonke izifundazwe. Ucwaningo luthi sizothwala kanzima KwaZulu-Natal.

“Ukungenzi kahle KwaZulu-Natal kungaholela ekutheni ukukhula kwethu kwezinye izindawo kugcine kungasasisizi ngalutho,” kusho uMalema.

I-EFF ibilokhu ikhombisa ukukhula KwaZulu-Natal ezinkethweni ezedlule.

Okhethweni lwango-2019, i-EFF yathola izihlalo eziyisishagalombili esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, isuka kwezimbili okhethweni lwango-2014.

UMalema uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi bayaqhubeka nokukhula kulesifundazwe esibangwayo.

I-EFF isanda kujuba uNobhala Jikelele wayo, uMnuz Marshall Dlamini ukuzokhanaksa KwaZulu-Natal.

“Ngicabanga ukuthi nibonile ukuthi ikuphi esikwenzile KwaZulu-Natal. UDlamini uzohlala khona kuze kudlule ukhetho. Sinethemba lokuthi sizokwazi ukwenza kahle KwaZulu-Natal,” esho.

UMalema uvumile ukuthi akuzukuba lula ukukhankasa KwaZulu-Natal.

“Thina siyinhlangano entsha. Kusukela emandulo, zimbili izinhlangano ezinamandla KwaZulu-Natal, i-ANC ne-IFP.

”Angeke kube lula ukuthi inhlangano entsha ivele ingene nje kalula KwaZulu-Natal. Kuyangijabulisa ukuthi thina sikhombisa ukukhula KwaZulu-Natal yize siyinhlangano entsha,” esonga.