Izindaba

Kufe owesimame oyedwa kwalimala abanye kuhlaselana abokufika eDurban North

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kufe owesimame oyedwa kwalimala abathathu kuhlaselana abokufika eDurban North: SAPS

KUPHUME isidumbu kuhlaselana abokufika abebehleli emzini oseDurban North ngeSonto ntambama.

Ngokubika kwamaphoyisa, abesifazane abane abadabuka e-Asia bebehleli emzini abawuqashile osemgwaqweni u-delaide Tambo eDurban North ngesikhathi kufika owesilisa naye owuhlanga lwabo.

“La besifazane bacele umlisa lo obefika ukuba abahambise esitolo esiseduze. Ngesikhathi bengena emotweni, kuphume omunye wesilisa naye owuhlanga lwabo, wavulela ngenhlamvu ebhekise kubona,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Kushone owesimame oyedwa, abanye baphuthunyiswa esibhedlela besesimeni esibucayi.

Amaphoyisa asendaweni yesigameko njengoba uphenyo luqhubeka ukuze kutholakale imbangela yokuhlaselwa kwalaba kanye nomsolwa okukholakala ukuthi ubalekile.