Izindaba

Kushe yonke into kungqongqa ifemu

Zimbili Vilakazi|Published

ISALE inje ifemu ekhiqiza ikhemikhali esetshenziswa emikhiqizweni katshwal emva komlilo oshe ezintatha izolo Isithombe: Doctor Ngcobo

ISHE yangqongqa ifemu ekhiqiza ikhemikhali esetshenziswa uma kwakhiwa imikhiqizo yotshwala eProspecton, eSiphingo eThekwini ngeSonto.

Ngokusho kosophikweni lwezicishamlilo eThekwini, uMnuz Perigassen Goveder, akekho oshonile noma olimalile kulesi sigameko esenzeke efemini i-IPA ezintatha.

“Sithole ucingo lusibizela endaweni yesigameko phakathi kwamabili. Bekungabo-12:30 ezintatha ngesikhathi sifika endaweni yesigameko, saqala ukucisha umlilo obusha ubuhanguhangu,” kusho uGovender.

ISALE inje ifemu ekhiqiza ikhemikhali esetshenziswa emikhiqizweni katshwala, emva komlilo oshe ezintatha izolo Isithombe: Doctor Ngcobo

Uqhube wathi bafike bathola ukuthi bekunabasebenzi abayishumi endaweni yesigameko ngesikhathi kuqala umlilo.

“Kubona akulimalanga noyedwa, bakwazile ukuphuma bephephile,” kucacisa uGovender.

Uthe okwamanje imbangela yomlilo ibingakahlonzwa, wathi abakutholile ukuthi ifemu ibikhiqiza ikhemikhali esetshenziswa emikhiqizweni yotshwala.

Uthe bakwazile ukuwucisha ngempumelelo umlilo, yize kucekeleke phansi yonke impahla ebikulefemu.