Izindaba

Isililo ngamakhulu abasebenzi abazodilizwa

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUBIKWA ukuthi inkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga iyona eholele ekutheni kudilizwe amakhulu abantu enkampanini ethandwa ngabaningi kuleli.

ISter-Kinekor eyaziwa ngokuba sezinxanxatheleni ezehlukene kuleli ikhiphe isimemezelo sokuthi izodiliza abasebenzi abangu-236 futhi izovala ama-cinema ayisishiyagalolunye ezifundazweni ezintathu iGauteng, KwaZulu-Natal neWestern Cape.

Ama-cinema azovalwa aseBayside (WC), Boardwalk (KZN), Mimosa (KZN), Shelly Beach (KZN), Cedar Square (GP), Maponya (GP), Matlosana (GP), Southgate (GP) neSterland (GP)