Izindaba

Lichithiwe uphenyo lomholo emva kokwesula kukaSomlomo wePhalamende

Mhlengi Shangase|Published

UNKK Nosiviwe Mapisa-Nqakula Isithombe: Sigciniwe

IKOMITI lePhalamende elibhekele izikhalo zamalungu lichithe uphenyo olumayelana nokwenyuswa komholo kukaNobhala jikelele wendlu uMnuz Xolile George, ngenxa yokuthi obenguSomlomo wendlu uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, usulile.

Usotswebhu weDA uNksz Siviwe Gwarube, wafaka isikhalo ePhalamende ekhala ngokuthi uNkk Mapisa-Nqakula wanyusela uGeorge umholo ngo-70% engazange axhumane namuntu. Kuthiwa wamnyusela umholo usuka kuR2.6 million, waya kuR4.4 million ngo-2022.

Usihlalo wekomiti uDkt Manketsi Tlhape, uthe njengoba esulile abakwazi ukuqhubeka nophenyo.

“Umthetho wePhalamende ukubeka kucace ukuthi kuphenywa amalungu ePhalamende. Kodwa uma umuntu engeselona ilungu asibe sisakwazi ukumphenya. Ngenxa yokuthi uNkk Mapisa-Nqakula akaselona ilungu lePhalamende, asisakwazi ukuqhubeka nophenyo,” kusho uTlhape.

IPhini likasotswebhu weDA uDkt Annelie Lotriet, ligxeke amalungu e-ANC lathi anqume ukuvikela uNkk Mapisa-Nqakula ngokumnyusela imali.

UDkt Lotriet uthe amalungu athe ikomiti alikwazi ukuphenya uNkk Mapisa-Nqakula ngoba akaselona ilungu lePhalamende.

“Usengakwazi ukuthi ashushiswe ngoba usule ngaphambi kokuba aphendule ngakwenza. UGeorge usekhona ngakho kumele indaba yakhe iphenywe.”

UNkk Mapisa-Nqakula usule ekubeni ilungu lePhalamende kanjalo noSomlomo njengoba ebhekene namacala enkohlakalo.

Amacala athinta intshontsho okuthiwa walithola ngesikhathi esangungqongqoshe wezokuVikela.

Usolwa ngokuthola uR2.1 million ongukheshi awuthola izikhawu ezehlukene kanjalo nezinye izipho. Kuthiwa imali nezipho wakuthola komunye wosonkontileka owayethole ithenda kulo mnyango.

Ungaphandle ngebheyili kaR50 000 kanti ngoMsombuluko kuleli sonto uhambise i-passport yakhe kubaphenyi njengoba engavumelekile ukuthi ahambele amanye amazwe.

Akavumelekile ukuthi axhumane nofakazi kuleli cala.