Izindaba

Kuye ngamagama enkehli uNosiviwe Mapisa-Nqakula ezinikela emaphoyiseni

Nonkululeko Nhlapo|Published

IZIMOTO zamaphoyisa ebeziphelezela obengusomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula eyozinikela emaphoyiseni isithombe: sicashunwe kwi-video

UKUSA kubonwe abezindaba benkanise ngaphandle komuzi kaNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula osanda kusula esikhundleni sakhe sokuba ngusomlomo wePhalamende wabuye wasula njengelungu lePhalamende.

Ngesikhathi zifika izintatheli emzini wakwaNqakula eBruma, ngase-Eastgate, eGoli, ngaphambi kwehora lesithupha ekuseni, kubonakale izimoto zikhanyise amalambu. Ngehora lesikhombisa, zibonakale ziphuma izimoto zilandelana zilibangise esiteshini samaphoyisa iLyttelton, eCenturion lapho okubikwa ukuthi wavulelwa khona amacala.

IZIMOTO zamaphoyisa ebeziphelezela obenguSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula eyozinikela emaphoyiseni isithombe: SICASHUNWE KWI-VIDEO

UNkk Mapisa-Nqakula usolwa ngokwamukela intshontsho komunye wosonkontileka owayethola amathenda eMnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esanguNgqongqoshe wawo.

Kuthiwa wamukela imali engukheshi ebalelwa ngaphezu kukaR2 million, izikhawu ezehlukene. Okunye okuthiwa wagwazelwa ngakho i-wigi kanjalo nezinye izinto. Ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo efinyelela kuR4 million, okubandakanya nelokushushumbisa imali.

Ubelokhu ezihlangula ethi umsulwa akaze enze inkohlakalo futhi ethi usola ukuthi kukhona abazama ukungcolisa igama lakhe. Phakathi nenyanga edlule, uphiko lweNPA lwanikela emzini wakhe luyosesha, nokuyilapho okwavela amahlebezi okuthi sekuseduze aboshwe.

UMthunzi Mhaga okhulumela iNPA esenkantolo enkulu yasePitoli ngemuva kokuchithwa kwesicelo sikaNosiviwe Mapisa-Nqakula isithombe: JACQUES NAUDE/ Independent Newspapers

Lokhu kwamenza wasukumela phezulu waphuthumisa isicelo senkantolo ethi akuvinjwe ukuboshwa kwakhe. Emaphepheni waveza nokuthi ucela ukunikwa idokodo lophenyo nezitatimende zofakazi abone kahle konke.

NgoLwesibili iNkantolo eNkulu yasePitoli, imchithe nezindleko uNkk Mapisa-Nqakula kulesi sicelo sakhe esiphuthumayo. Yilesi sinqumo senkantolo esiholele osukwini lwanamhlanje.

Uzobingelela iMantshi yasePitoli khona namhlanje lapho okulindeleke ukuthi acele ibheyili.