Izindaba

Amaphoyisa athungatha ababulale isitobha seKaizer Chiefs

Fanelesibonge Bengu|Published

ULuke Fleurs odutshulwe wabulawa edunwa imoto ngoLwesithathu ebusuku Isithombe: Instagram

IKaizer Chiefs isikuqinisekisile ukushona komdlali wayo uLuke Fleurs ngoLwesithathu ebusuku.

UFleurs (24), obeyibamba emuva kuthiwa udutshulwe edunwa imoto eGoli.

“Imicabango nemithandazo yethu siyibhekisa emndenini wakhe nakubangani ngalesi sikhathi esinzima. Amaphoyisa eSAPS asingethe lolu daba futhi eminye imininingwane izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi,” kusho iKaizer Chiefs esitatimendeni.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Mavela Masondo uthe udutshulwe wabulawa ngaphambi eHoneydew ngabo-8.30 ebusuku.

“Kubikwa ukuthi umgilwa obehamba ngeVW Golf 8 GTI ebomvu ungene egaraji likaphethroli elisekhoneni lika-14th Avenue no Hendrik Potgieter. Ngesikhathi esalinde ukusizwa ngabetha uphethroli, uhlaselwe ngabesilisa ababili abebehlomile abafike behamba ngeBMW 1 Series emhlophe. Abasolwa bakhombe umgilwa ngesibhamu bamkhipha emotweni base bemdubula kanye kwesingenhla somzimba. Omunye wabasolwa ubaleke ngemoto yomgilwa elandelwa ngabehamba naye,” kusho uMasondo ekhuluma ezindabeni zeSABC.

Uthe umgilwa uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze lapho ehlonzwe khona njengofile efika.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokudunwa imoto futhi akukaboshwa muntu. Uthe ucela noma wubani onolwazi ukuthi athinte amaphoyosa.

Lo mdlali ujoyine Amakhosi ngo-Okthoba ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe neSuperSport United.

Imiyalezi yenduduzo ilokhu ingene njalo ezinkundleni zokuxhumana.

UNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uZizi Kodwa, uthe uphathe kabi ngokuthi umuntu osemncane ufe ngenxa yobugebengu.

Amaqembu ebhola iCape Town City neGolden Arrows nawo abhale eyawo imiyalezo.