Izindaba

UNhleko usengumgqugquzeli weMK kuzwelonke

Kamogelo Moichela|Published

UMNUZ Nathi Nhleko, osanda kulaxaza i-ANC, useqokwe njengomgqugquzeli weMK kuzwelonke Isithombe:SIGCINIWE

IQEMBU elisha eliholwa ngowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, liqoke obengungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli futhi eyilungu le-ANC, uMnuz Nathi Nhleko, njengomgqugquzeli woMkhonto Wesizwe (MK) Party, ngaphambi kokhetho lukazwelonke luka-2024.

Lokhu kwenzeke muva nje, ekubeni iqembu liqale laphika ukuthi uNhleko usejoyine iMK. Ubonakale kweminye imihlangano ebihlelwe yiqembu ngenhloso yokulungiselela ukhetho.

Ngenyanga edlule uNhleko wesulile kwi-ANC, ekhomba ngenjumbane uNobhala-jikelele kaKhongolose uMnuz Fikile Mbalula, njengengxenye yembangela yokushiya kwakhe enhlanganweni.

Encwadini yakhe yokwesula uNhleko wathi besekubuhlungu ukubona i-ANC iphenduka inhlangano angasayazi futhi ingasakwenzi eyayisungulelwe khona, okungukukhulula abantu ekugqilazekeni.

UNhleko wasula kwi-ANC emuva kokungaboni ngasolinye noMbalula, owathi uKhongolose waqamba amanga ePhalamende ngombiko waseNkandla, ngenhloso yokuvikela uZuma.

NgoJanuwari, ngesikhathi i-ANC ikhankasa eMpumalanga ngaphambi kweJanuwari 8 Statement, uMbalula wavuma esidlangalaleni ukuthi i-ANC yasenga ezimithiyo ngendaba ye-swimming pool, eyayizosetshenziselwa ukucishaumlilo emzini kaZuma, oseNkandla. Emuva kwenkulumo, uNhleko ukhwele wadilika kuMbalula njengonobhala obhacaze ukubedlula bonke emlandweni wenhlangano eneminyaka ewu-112.

Ukujoyina kukaNhleko kwiMK kulandela okukaMervyn Dirks, obeyilungu lePhalamende ebelimele i-ANC, nokukaNkosetsha Shezi, obengomunye wabasunguli be-Areta, abasanda kuzibandakanya neqembu elisha.

UDirks uxoshwe yi-ANC emuva kokujoyina iMK kwathi uShezi, ongumngani kaZuma, washiya kwi-EFF ukuze ajoyine iMK.

Ngokusho kweMK, lokhu kuwukuqinisekisa ukuthi umkhankaso weqembu wokuphumelela ukhetho ngo-elethu, uyaphumelela.