Izindaba

Umyalezo wokwamukela izivakashi ngesikhathi sephasika

Brandstories|Published

UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuvakasha NezeMvelo uMnu Siboniso Duma.

Njengoba sesiya kumaholide ePhasika, isifundazwe saKwa-Zulu Natali sikulindele ukwamukela izivakashi ezivela ezindaweni eziningi ezahlukene.

Ziningi izindawo zokuchitha isizungu esifundazweni - izivakashi zingavakashela iziqiwi eziphambili ezinezinhlobonhlobo zezilwane zasendle, noma zizelule amathambo ngokuqwala izintaba zoKhahlamba. Kukhona nezitolo ezisezingeni eliphakeme kanye nezindawo zekhethelo zokufunda ngamagugu namasiko.

Njengenjwayelo, siyazikhathaza ngokuphepha kwezivakashi zethu - ngifisa ukuqinisekisa ukuthi sisebenzisana nemikhakha yonke yokuphepha okubalwa kuyo i-SAPS namaphoyisa omgwaqo esifundazweni sonke.

Njengoba ulwandle lusanesasasa kulesifundazwe, ngithanda ukukhumbuza izivakashi ngobubanzi bogu lwethu oluseningizumu nolusenyakatho. Ngiyanikhumbuza futhi ukuthi amabhishi amaningi aseThekwini akulungele ukubhukuda.

Sinentokozo ukumemezela ukuvulwa kweShaka Marine World, okuyiyona i-aquarium enkulu emngceleni wase-Ningizimu. Woza uzitike ngokubuka izilwane ezinhle nezimangazayo ngaphansi kolwandle lwethu. Bheka nje kunezindawo zokubhukuda, ukutshuza kanye nokuthola okuya ngasethunjini.

Kuhle kakhulu uma uhamba ungcebeleka ngemoto yakho ngoba uthola amathuba okubona izindawo ezikhethekile ohambweni lwakho ezifana neMidlands Meander maduze naseHowick.

Uma ufisa ukuthola ulwazi olugcwele ngokuvakashela lesifunda, zitholele i-KZN Travel Guide app kumakhalekhukhwini wakho. Noma uvakashela ikhasi elithi www.zulu.org.za ukuze ube sethubeni lokuthola izipesheli kumalungu ethu ohwebo kwezokuvakasha nokungcebeleka. Qaphelisisa usebenzise lelikhasi ngokuphephile uzivikele kubugebengu.