Izindaba

Wenza kahle uDuma wayabula umbhobho- Dube-Ncube

Sabelo Nsele|Published

Undunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, othe bayameseka uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, uMnuz Siboniso Duma Isithombe: Facebook

UHULUMENI waKwaZulu-Natal uyaseseka isenzo soMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, uMnuz Siboniso Duma, sokuyabula umbhobho kukhuluma undunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi.

Undunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe uDuma wenza into efanele ngesikhathi ephuca uButhelezi, owayethula iSilo uMisuzulu kaZwelithini, umbhobho.

Ukusho lokhu kwisithangami nabezindaba, ngoLwesithathu.

UNkk Dube-Ncube uthe uDuma ubachazelile beyikhabhinethi lesifundazwe ukuthi wamphucelani uButhelezi umbhobho wokukhuluma ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.

UNkk Dube-Ncube uthe incazelo kaDuma ibanelisile.

“Siyameseka uDuma kulokhu akwenza. Ukube akawuthathanga umbhobho kwakuzothukwa abantu emcimbini kahulumeni.”

UNkk Dube-Ncube uthe uDuma ubatshele ukuthi uzokuya koshweleza eSilweni.

“Akezukuxolisela ukuphuca uButhelezi umbhobho, kodwa uzoxolisela ukuthi isigameko senzeka phambi kweSilo.”

UNkk Dube-Ncube ugxeke labo abathi uDuma kufanele ahlawuliswe.

Abadidiyeli bamabutho ibona abaphumele obala, bathi bafuna uDuma ahlawule ngokuthela ngechilo iSilo.

UNkk Dube-Ncube uthe laba abasho lokhu baphuca iSilo igunya lokunquma ukuthi uDuma ufanelwe yini ukuhlawula.

UNkk Dube-Ncube ugxeke uButhelezi, wamsola ngokuzama ukuphazamisa umcimbi wangoMgqibelo.

Uthe uButhelezi wayevele eshilo ukuthi uzowuphazamisa umcimbi.

“Wayesophe ukuthela iSilo nendlunkulu ngehlazo.”