Ezinye zezimoto ezihushayo amaphoyisa kaMasipala weTheku azishaqayo, Isithombe: SIITHUNYELWE
UKhomishana wamaPhoyisa kaMasipala weTheku uSibonelo Mchunu uthi amaphoyisa akhe anelungelo lokushaqa imoto eshintshwe i-suspension yakhasa phansi.
Wumkhuba owandile kuleli dolobha ukuthi abashayeli bashune izimoto zabo bazenze zikhase phansi okuwumkhuba odume ngokuthi yi-stance.
UMchunu uthe akukho emthethweni ukwenza izinguquko eziphazamisa indlela imoto ebambelela ngayo emgwaqweni noma ijubane layo.
Ubekhuluma neSolezwe ngemuva kwezikhalo zabanye abashayeli, amaphoyisa eshaqe izimoto zabo ngenxa yokuthi zikhasa phansi kunendlela eziphuma zakhiwe ngayo emagaraji.
Omunye wabashayeli onemoto eyehlisiwe uMnuz Sphamandla Shabane, uthe kuyamthusa ukuthi amaphoyisa aseyazishaqa manje izimoto ezihushayo.
“Uma kuwumthetho okhona obhaliwe phansi, anginankinga nawo. Kuyathusa kodwa kithina singabashayeli ngoba lento isiqala ukuvela manje ngoba sekudume “ingezo” nokuyinto edume nyakenye lapho abashayeli besuke betsaka ngobunono nobuhle bezimoto edume emalokishini amaningi. Le nto yezimoto ezihushayo akuyona into yamanje kodwa ingenise kakhulu ngenhloso yokugqugquzela ukuthi izimoto zibe zinhle ukuze abagibeli bezothokozela ukugibela izimoto ezihlanzekile. Kusho ukuthi lo mthetho ubukhona kodwa ubunganakekile ngoba bezingandile kakhulu izimoto ezinjalo kodwa kuyathusa,” kusho uShabane.
UMchunu uthe kuyicala ukushintsha imoto uyenze ikhase phansi.
“Wonke amaphoyisa anelungelo lokuthi ayishaqe imoto ayibona ukuthi ayikho semthethweni ukuthi ibe semgwaqweni. Amaphoyisa ayazi ukuthi imoto kumele iphakame kangakanan futhi nokuxebula -idisc yemoto kuba kulo iphoyisa uma libona ukuthi ayikufanele ukuba semgwaqweni. Inhloso yephoyisa ngokwenza leso senzo ukuthi linqande ingozi engenzeka engafaka impilo yabantu abaningi engcupheni,” kusho uMchunu.
Ngokomthetho we-National Road Traffic Act 93 wango-1996, ukuguqulwa noma ukuphazamisa ukuphepha kwendlela imoto eyakhiwe ngayo kwenza imoto ingabibikho semthethweni noma ingakufaneli ukuba semgwaqweni ngaphandle kokuthi lokho kwenziwe lapho imoto yakhiwe khona.
Related Topics: