Izindaba

Kubhimbe uhlelo lokubuyisa izinsizwa zakwaNdimande

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMnuz Malusi Dave Ndimande abanukeka ecaleni lokufa komrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane. isithombe: Silindelo Masikane/X

LIHLEHLELE inyanga ezayo icala lezinsizwa ezimbili zakwaNdimande ezaboshwa eSwatini ngenyanga edlule.

UMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMnuz Malusi Dave Ndimande abanukeka ecaleni lokufa komrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane bavele phambi kweMantshi yaseManzini ngoLwesithathu ekuseni.

Ukuvela kwabo kulandela ukuthunyelwa kwamaphepha esicelo sokuba babuyiswe kuleli ukuze bazobhekana naleli cala.

NgoLwesibili, umnyango wezobuLungiswa namaJele ukhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi uNgqongqoshe uMnuz Ronald Lamola uwagunyazile futhi wawathumela amaphepha eSwatini.

Umshushisi wombuso eSwatini utshele iMantshi ukuthi asefikile amaphepha esicelo sokubuyiswa kwalezi zinsizwa kuleli.

Ummeli wabasolwa uveze ukuthi lawa maphepha afike awumqulu omkhulu okusho ukuthi udinga isikhathi sokuba awafunde futhi alumane indlebe namakilayenti akhe ngokuqukethwe yiwo.

Inkantolo ikuvumile lokhu yatshela abasolwa ukuthi icala liyahlehla.

Kulindeleke ukuthi icala labo libuyele ngomhla ka9 Ephreli lapho kuzozwakala khona ukuthi bayasiphikisa na isicelo sokubuyiswa kwabo kuleli.

Inkantolo iveze ukuthi uma abasolwa besiphikisa isicelo sokubuyiselwa ezweni lakubo, kuzobe sekuhlelwa kahle isikhathi nezinsuku ezifanelekile zokudingida lokho.

Kwenzeka lokhu nje, abanye abasolwa abahlanu abanukeka ecaleni elifanayo bayaqhubeka nezicelo zabo zebheyili enkantolo yeMantshi eThekwini.