Izindaba

Sithunyeliwe eSwatini isicelo sokubuyisa abanukeka ekufeni kuka-AKA

Fanelesibonge Bengu|Published

Izelamani zakwaNdimande eziboshelwe eSwatini osekufakwe amaphepha okuthi zibuyiswe kuleli ukuzobhekana necala elithinta ukubulawa kuka-AKA Isithombe : SICASHUNWE KWIVIDIYO

Asethunyeliwe eSwatini amaphepha okucela ukubuyiswa kuleli izelamani uMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMnuz Malusi Dave Ndimande abanukeka ecaleni lokufa komrepha uKiernan “AKA” Forbes nomnngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane.

Umnyango wezobuLungiswa namaJele ukuqinisekisile esitatimendeni ngoLwesibili ekuseni ukuthi uNgqongqoshe uMnuz Ronald Lamola uwagunyazile futhi wawathumela amaphepha eSwatini.

Umnyango uthe isicelo senziwe ngaphansi kwesivumelwano sala mazwe womabili nangokwemigomo yeSADC Protocol on Extradition la mazwe ayisayina.

Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara ubesanda kutshela iziko lezindaba lakwabo kweSolezwe, i-IOL, ukuthi amaphepha esicelo sokubuyiswa kwalaba athunyelwe kuLamola.

Kulindeleke ukuthi uma bebuya kuleli bajoyine abanye abammangalelwa ecaleni okungoMnuz Lindokuhle Mkhwanazi (30), uMnuz Lindani Ndimande (35), uMnuz Eddie Myeza (21), uMnuz Muziwethemba Gwabini (36) noMnuz Lindokuhle Ndimande abahamba iNkantolo yeMantshi eThekwini.