Izindaba

Sikhathazekile ngabasebenzi beTheku abacekela phansi: iKhabhinethi

Phili Mjoli|Published

UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthi iKhabhinethi likhathazekile ngesiteleka sabasebenzi baMasipala weTheku esingekho emthethweni esishiye izakhamuzi zingenawo amanzi, ugesi nodoti ungaqoqiwe ISITHOMBE: SIGCINIWE

IKHABHINETHI seyizwakalise ukukhathazeka ngesiteleka sabasebenzi baseThekwini abangaphansi kwenyunyana iSA Municipal Workers Union (Samwu), esiphazamise ukulethwa kwezidingo zomphakathi.

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengamali wakuleli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe: “Umthelela walesi siteleka wenze izakhamuzi eziningi zasala zingenawo amanzi, ugesi, kwaphazamiseka nokuthuthwa kwemfucuza nokuyinto ehlukumeza amalungelo abantu futhi ewukwephulwa koMthethosisekelo."

Uqhube wathi ukuvalwa kwezindawo ezinikeza usizo ezifana nemitholampilo ngenxa yalesi siteleka, kufana nokunqabela umphakathi usizo lwezempilo okubeka engcupheni impilo yabantu.

"Ukuziphatha okunje ngeke kubekezelelwe. IKhabhinethi icela izinhlaka zomthetho ukuthi zenze konke okudingekayo ukuze zivikele amalungelo abantu. Abatholakala benecala bazobhekana nengalo yomthetho,“ kusho uNtshavheni.