Izindaba

UGordhan usethi khumu kwezepolitiki

Khethukuthula Sangweni|Published

UMNUZ Pravin Gordhan

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uzoshiya kwezepolitiki emuva kokhetho lukazwelonke ngoMeyi 29. UGordhan kuthiwa wazise i-ANC ukuthi ingamfaki ohlwini lwabaya ePhalamende emuva kokhetho.

Kwenzeka lokhu nje i-ANC ibimatasa ihlanganisa uhlu lwamalungu ayo azojutshwa ePhalamende emuva kokhetho lukazwelonke. I-IEC ibibeke umnqamulajuqu wangoLwesihlanu ukuthi kuthunyelwe uhlu lwamalungu amaqembu azoya ePhalamende emuva kokhetho.

Abajutshwa ePhalamende kuvame ukuthi kube ngamalungu esigungu esiphezulu enhlangano.

Isikhathi esiningi kusuke kungabantu abethenjwayo nokuzobukwa kubona ukuthi bafakwe ezikhundleni zongqongqoshe namaphini abo uma inhlangano inqoba ukhetho.

UGordhan uvele akaselona ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC emuva kokuthi wenqaba ukuphakanyiswa engqungqutheleni edlule. UGordhan ungaphansi kwengcindezi kulezi zinsuku ugxekwa ngokufihla imininingwane yokudayiswa kwengxenye ye-SAA.

Ngesikhathi ethula umbiko ePhalamende ucele ukuthi kube sesithe abezindaba bengavunyelwa futhi amalungu asayine isivumelwano sokuzibophezela ukuthi angeke adalule lutho.

Uma eshiya uzobe ejoyina uhlu lwabaholi be-ANC asebevele bememezele ukuthi abasabuyi.

Phakathi kwabo kukhona uDkt Nkosazana Dlamini Zuma , uNkk Nosiviwe Mapisa -Nqakula noNkk Naledi Pandor. UGordhan phambili uke wasebenza eSARS, uke waba wungqongqoshe wezemali.