Izindaba

Akumthenanga amandla ukungabikho kwamanzi umlimi osemncane

Boniswa Mohale|Published

UNksz Ntombenhle Mfeka olima imifino eSt Faiths uthe ukuhlupha kwamanzi ngakubo akuluqedanga uthando lwezolimo kuye Isithombe:SITHUNYELWE

UKUNGABIKHO kwamanzi endaweni yangakubo, akumthenanga amandla okulima uNksz Ntombenhle Mfeka (26) waseSt Faiths, ePort Shepstone.

UNksz Mfeka ulima imifino ensimini yakubo abuye alime ezivandeni zamakhosikazi lapho beqashelwe umeluleki othunyelwe wuMnyango wezoLimo.

“Amanzi awekho kahle endaweni yangakithi. Aphuma izikhawu ezimbalwa ngenyanga kanti lokhu kusho ukuthi amanzi kufanele ngiwakhe emfuleni ngoba imifino idinga ukuchelelwa njalo. Ezivandeni sisebenzisana namakhosikazi amaningi kanti noMnyango wezoLimo uyazama ukusisiza. Silima lokho esisuke siyalelwe wumeluleki ukuba sikulime ngoba usuke azi ukuthi kuzodayiseka,” kusho uNksz Mfeka.

Uthe emuva kokuphothula u-matric akabange esafunda kodwa uye wagxila kwezolimo.

Uveze ukuthi uthando lokulima waluncela kunina akhule embuka elima kubo.

“Kubalulekile ukuthi abesifazane balime ngoba uma uzilimela ukudla kwakho ngeke ubulawe yindlala. Uyakwazi nokuzilimela udayisele umphakathi wangakini impilo iqhubeke. Inkinga yamanzi ibithanda ukusiphazamisa kodwa sabona ukuthi kufanele size neminye imizamo,” kusho uNksz Mfeka.

Uthe ebusika amanzi awabi khona ngisho emfuleni ayasha bese ephoqeleka ukuba ayowathenga esitolo.

Isifiso sakhe wukuthola ojojo abazokwazi ukugcina amanzi emvula nokuba angene ezifundweni zolimo njengoba kuyinto ayithandayo.

“Amanzi kamasipala ayaphela amasonto amabili engaphumi empompini. Mhla ephuma awahlali isikhathi eside. Ehlobo kuba ngcono ngoba imvula isuke ikhona ukusilekelela kodwa ebusika kuba nzima ngoba nomfula esithembele kuwona uyasha. Ngiyakudinga ukuxhaswa ngojojo engizokwazi ukugcina kubo amanzi,” kusho uNksz Mkhize.

Ugqugquzele intsha ukuba ingalindi ukuqashwa ezinkampanini ezizimele kodwa izame ukuzakhela amathuba omsebenzi lapho ikhona.

Uthe kulula ukungena kwezolimo ngoba uma unomhlaba uyakwazi ukutshala okuncane ozokwazi ukuzidlela kona wena nabanye.