Izindaba

Liyaziqeketha elaseSwatini ngabasolwa kwelika-AKA

Nonkululeko Nhlapo|Published

uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello 'Tibz' Motsoane

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uzwakalise ukuphoxeka ngendlela elaseSwatini elisingathe ngayo udaba lokuboshwa kwabasolwa ababili abebebhace kuleliya lizwe.

UMkhwanazi ukhale ngokuputshuka kwezindaba zokuboshwa kwabasolwa ababili eSwatini okuphazamise uhlelo lwakuleli ngoba bekusakhona abanye abasolwa abebengakabanjwa kuleli.

NgoMgqibelo ekuseni bahlonza abasolwa ababili abebebhace eSwatini, emuva kokuthi bethole ukuthi baqashe indlu khonae. Uthe bakhulume nophiko lwezokushushisa ukuba lwenze i-affidavit abayithathile besebenzisana ne-Interpol laba ababili base beyaboshwa.

Uthe emuva kokuvela kwezindaba zokuboshwa kwabasolwa, abanye abasolwa babalekile, kodwa bathola izincwadi ezigunyaza ukuthi baboshwe.

UGen. Mkhwanazi uveza lezi zindaba-nje iphephandaba laseSwatini iTimes of eSwatini lishicilele isithombe sezinsizwa ezimbili okukholakala ukuthi yizona eziboshelwe icala lokubulala uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello 'Tibz' Motsoane.

Leli phephandaba lidalule amagama abasolwa, indawo abadabuka kuyo kuleli nokuthi bakhokhelwa malini ngemuva kokwenza umsebenzi.

Iphephandaba liveza ukuthi liyakumela konke elikushicilelile laveza namaphepha afakwe enkantolo.

“Ngokuboshwa kwababili abadabuka eNingizimu Afrika abathinteka ecaleni lokubulawa komrepha u-AKA, udaba lwethu alushintshile. Umbiko wethu uncike esicelweni esifakwe wuphiko lwenkantolo enkulu eKZN sokuboshwa kwalaba basolwa.”

NgoLwesithathu, amaphoyisa KwaZulu-Natal aveze ukuthi sekuboshwe umsolwa wesikhombisa oneminyaka engu-30. Ukuboshwa kwalo msolwa kusho ukuthi bayisihlanu abantu abasesitokisini kuleli kanti kulindeleke ukuthi bonke bavele enkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesine