Izindaba

Injabulo bethola usizo KwaNongoma abakhahlanyezwe yizikhukhula

Zimbili Vilakazi|Published

UNKK Getrude Mncwango wasekuBuseni KwaNongoma ungomunye wahlomule ohlelweni lukaMfu Thulasizwe Buthelezi Isithombe: SITHUNYELWE

BALWEMUKELE ngezandla ezimhlophe usizo olufike neMeya kaMasipala weSifunda iZululand, uMfu Thulasizwe Buthelezi ngeSonto, abakhahlanyezwe yimvula enamandla KwaNongoma.

UButhelezi uhambise usizo lwezingubo zokulala, ukudla, amavawusha okuthenga izimpahla zokwakha nokunye kubantu abawu-100 esigodini saseSibukweni.

Uthe laba abayikhulu abanikwe lolu sizo bakhethwe njengabakhahlamezeke kakhulu.

UNKK Getrude Mncwango wasekuBuseni KwaNongoma ungomunye wahlomule ohlelweni lukaMfu Thulasizwe Buthelezi Isithombe: SITHUNYELWE

“Sithe asisondele emalungwini omphakathi akhahlanyezwe imbula yakamumva. Sibahambisele izimpahla ezibalulekile. Phakathi kwazo kukhona izingubo zokulala, ukudla nokunye. Umndeni ngamunye okhahlamezekile uzothola izimpahla ezifanayo njengoba siwubheka nokuhlola umonakalo,” kusho uButhelezi.

Bangamakhulu abantu abakhahlanyezwe yile mvula yakamumva. Baningi abadilikelwe yizindlu, abanye baze basala dengwane.

Uthe bazoqhubeka nokuxoxa nomphakathi ngosizo oludingayo ngesikhathi amathimba ezinhlekelele eqhubeka nokuhlola umonakalo.