Izindaba

Lidluliselwe enkantolo enkulu elika-Agrizzi

Khethukuthula Sangweni|Published

OWAYEYISIKHULU seBosasa uMnuz Angelo Agrizzi uzovela eNkantolo ePitoli maduze nje ngecala lenkohlakalo Isithombe : SIMPHIWE MBOKAZI/INDEPENDENT MEDIA

OWAYEYISIKHULU seBosasa uMnuz Angelo Agrizzi, uzovela okokuqala eNkantolo eNkulu ePitoli ngecala lenkohlakalo ka-R800 000. U-Agrizzi owaduma kakhulu ngokuchakida abantu ngenkohlakalo, uyalelwe ukuthi avele eNkantolo eNkulu ngoFebhruwari 29.

U-Agrizzi waboshwa ngo-2020, emuva kokuthi kuvele izinsolo zokuthi wanika owayeyilungu lePhalamende uMnuz Vincent Smith, uR800 000. USmith owayemele i-ANC ePhalamende naye waboshwa uhamba icala lenkohlakalo.

IBosasa isolwa ngokugwazela amathenda kahulumeni kanti u-Agrizzi wayebabiza ngamagama abantu abanika imali. Phambilini abezokushushisa baveza ukuthi u-Agrizzi uyohlolwa ingqondo.

Kulindeleke ukuthi uma esevela eNkantolo eNkulu ePitoli, kwethulwe umbiko wokuhlolwa kwengqondo ovela kodokotela eWeskoppies.

U-Agrizzi ubhekene nelinye icala lenkohlakalo ka-R 1.8 billion nalo alihambayo.