Izindaba

Umbiko womkhandlu wabezempilo ngodokotela abaphula imigomo nyakenye

Phili Mjoli|Published

BANGAPHEZULU kuka- 30 odokotela bakuleli abaqondiswe ubugwegwe ngemuva kokwephula imigomo yokusebenza kwabo nyakenye.

Lokhu kuvezwe umbiko womkhandlu wabasebenzi bezempilo, iHealth Practioners Council SA (HPCSA) wonyaka u2022 kuya ku-2023 okhishwe kuleli sonto.

Kulo mbiko kuvela ukuthi amacala abebhekene nalabo dokotela abandakanya ukuhlukumeza ngokocansi, ukubulala, ukungalandeli umgomo wokubhalisa imithi ebhukwini elifanele, ungazazisi iziguli ngobungozi bendlela ezolandela uma zelashwa namanye. Ngokwalo mbiko amanye amacala aphothulwe nyakenye enzeka eminyakeni engu-11 eyedlule kanti abanye odokotela batholakale benamacala angaphezulu kwelilodwa.

Kulo mbiko kunomunye udokotela otholwe enecala lokuziphatha ngokungafanele kanye nobudedengu ngesigameko sango-Ephreli 2013. Kuvela ukuthi ngesikhathi ehlinza isiguli wathinta umthambo omkhulu ohambisa igazi ne-oxygen emzimbeni okwaholela ekutheni isiguli sishone. Waphinde watholakala enecala lokungasazisi lesi siguli ngobucayi bendlela yokwelapha eyayizolandelwa okwaholela ekutheni siyivume singenalo ulwazi.

“Unecala lokungaziphathi kahle noma ukuziphatha ngokungafanele. Uma kubhekwa umsebenzi wakho ngo-Ephreli 2013, wenza umsebenzi ngendlela ephambene nebekiwe, uhlulekile noma udembesele ukwazisa isiguli ngobungozi obukhona ngeLaparoscopic Nissen Fundoplication," kusho umbiko.

Lo dokotela uhlawuliswe u-R20 000, okumele awukhokhe ngoJuni 30 nonyaka.

Omunye utholakale enecala lokuhlukumeza ngokocansi ngesigameko asenza ngo-2015, wahlawuliswa uR50 000.

Omunye kutholakale ukuthi wafaka isicelo sokukhokhelwa i-medical aid yesiguli, ekubeni engazange awenze umsebenzi ayebhale ukuthi uwenzile ngesikhathi efaka isicelo.

Elinye icala okutholakale kulo ukuthi udokotela uphule umthetho, ngelokuthi wehluleka ukugcina ibhuku lapho ebhala khona uma enikeza iziguli imithi esesigabeni esiwu-schedule 6. Udokotela ulivumile icala wahlawuliswa uR100,000 okumele awukhokhe ezinyangeni eziyisithupha kuwo lo nyaka.

"Udokotela otholakele enecala umisiwe ekutheni akhiphe le mithi izinyanga ezingu-12, waphinde wabekelwa iminyaka emithathu yokuthi angatholakali enecala elifanayo," kusho umbiko