Izindaba

Kufe amasosha akuleli kwalimala amanye eDRC

Fanelesibonge Bengu|Published

Amasosha eSANDF ehamba ezitaladini zaseNorth West Isithombe: Elmond Jiyane, DoC

Kufe amasosha amabili eSouth African National Defence Force (SANDF) ngesikhathi kuqhunyiswa inkambi yawo eDemocratic Republic of Congo ngoLwesithathu emini.

I-SANDF ithe amanye amathathu alimele kulesi sigameko. Alimele aphuthunyiswe esibhedlela esiseduze eGoma ukuyolashwa.

Amasosha akuleli athunyelwe kuleliya zwe ukuyolekelela uhulumeni wakhona ukudala ukuthula nozinzo.

Ungqongqoshe wezokuVikela kuleli, uNkk Thandi Modise, iPhini lakhe uMnuz Thabang Makwetla nobuholi beSANDF badlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe. Bafisele abalimele ukuthi balulame ngokushesha.

Ekuqaleni kwenyanga kuhlaselwe indiza enophephela emhlane yeSANDF khona eDRC ngesikhathi isuka eRwindi ilibangise eGoma.

Kwalimala umshayeli wayo owadubuleka emunweni nomunye wosizo lokuqala owalimala esifubeni. Abanye ababephakathi abalimalanga futhi indiza yakwazi ukufika kahle eGoma, ngokusho kweSANDF ngaleso sikhathi.