Izindaba

Intsha ekhaleni lokugqugquzela ukuvota

Bongiwe Zuma|Published

AMANYE amalungu eChange Cartel agqugquzela intsha ukuba ibhalisele ukuvota ukuletha ushintsho kuleli Isithombe: SITHUNYELWE

ISEBENZISA izinkundla zokuxhumana ukunxenxa intsha ukuba iyobhalisela ukuvota njengoba kuzoba nokhetho kungekudala kuleli.

IChange Cartel, eholwa yithimba lentsha yabangu-12, isisabalele kuTik Tok, Facebook, X, Instagram nakwezinye izinkundla zokuxhumana. Leli thimba lakhiwe abesifazane abayisishiyagalombili nabesilisa abane

UMnuz Ziphozonke Mhlongo, weChange Cartel, uveze ukuthi le nhlangano ayiyintsha njengoba bayiqala ngoDisemba 2022 ukulungiselela izikhathi ezifana nezokhetho.

UMhlongo uthe inhloso enkulu yenhlangano wukuqinisekisa ukuthi intsha iyazibandakanya ezintweni ezifana nokuvota, ezithinta umnotho, ezemfundo, umthetho, ukulawulwa kwezwe nokunye okuningi.

"Sihambela izifundazwe ezahlukene sikhuluma nabantu abasha ngokweminyaka nangengqondo ngoba kumele umuntu akwazi asuke ezokuvotela. Alikho iqembu esilikhankaselayo kodwa sithi abavotele ukuletha nanoma ngabe yiluphi ushintsho oludingwa yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Ukungavoti akujezisi abangenzi kahle kodwa kuyalimaza ngoba akuzi nashintsho," kusho uMhlongo.

UMnuz Phiwokuhle Mkhize, ongomunye wamalungu eChange Cartel, uthe selokhu beqale ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana, mkhulu umehluko futhi nentsha iyakhanyiseleka ngokubaluleka kokuvota.

“Sinamasonto amabili sigqugquzela abantu kuTik Tok nezinye izinkundla zokuxhumana, sebeyabhalisa basikhombise. Akwenele kodwa esikwenza ezinkundleni zokuxhumana, sihambela nezifundazwe ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi siyahlangana nabantu sibalekelela nalapho bengazi kahle khona," kusho uMkhize.

Kulindeleke ukuthi kungekudala iChange Cartel itheleke esifundazweni iNorth West kanti isike yabonakala nakwezinye izindawo ezakhele iTheku neZululand KwaZulu-Natal.

UMnuz Mnqobi Mkhize wale nhlangano uthe abagcini nje ngokubhekelela izinhlelo zokhetho ngoba luzodlula kodwa bayangenelela nasezintweni ezahlukene.

Izinhlelo zokusiza emphakathini, ezemfundo nokuntuleka kwamathuba omsebenzi uthe yizona abazibeke phambili nabafisa ukuzixazulula ngale nhlangano.