Izindaba

Uzovalwa unyaka wonke umgwaqo waseThekwini ngokohlelo lweSanral

Nonkululeko Nhlapo|Published

INKAMPANI kaHulumeni ebhekelele ukuthuthukiswa kwemigwaqo ezweni iSanral, imemezele ngokuvalwa komgwaqo phakathi kweWestville Viaduct, neParadise Valley ngoba kulungiswa uN3 Isithombe: SITHUNYELWE

INKAMPANI kaHulumeni ebhekelele ukuthuthukiswa kwemigwaqo ezweni iSanral, ikhiphe isimemezelo ngokuvalwa komgwaqo ophakathi kweWestville Viaduct, neParadise Valley ngenxa yokuthi kulungiswa uN3.

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, kubikwa ukuthi kuzovalwa ngokugcwele iLancaster Bridge kusukela ngoFebhuwari 26, 2024 kuya kuFebhuwari 28, 2025 phezu kukaN3. Bathi lokho kuzokwenza kube lula ukubhidlizwa nokwakhiwa kabusha kwebhuloho iLancaster (B0461), njengengxenye yohlelo lokwakhiwa nokulungiswa komgwaqo osuka eWestville Viaduct, uye eParadise Valley.

UJason Lowe, oyiMenenja yeProjekthi yesiFunda esiseMpumalanga yakwaSANRAL, uthe ukuvalwa ngokuphelele kuzokwenziwa eLancaster Terrace, kuzo zombili izindlela eziya ebhulohweni elinqamula uN3. I-Road Traffic Inspectorate (RTI), ngosizo lwethimba lendawo yokuhlala yosonkontileka, izophatha futhi iqaphe ukuvalwa kwezimoto ngalesi sikhathi.

“Abashayeli bezimoto bazokhonjiswa indlela entsha abazoyisebenzisa ngezimpawu kweminye imizila edlula ebhulohweni likaLangford, noDudley Road,” kuchaza uJason Lowe.

Uqhube wathi iSANRAL iyaqonda ukuthi lokhu kuzodala ukuphazamiseka ekuhambeni kwezimoto futhi yenze konke okusemandleni ukunciphisa umthelela.

Abashayeli bezimoto bayanxuswa ukuthi babekezele ngesikhathi sokuvalwa nokuhlela, balungise izikhathi zabo zokuhamba futhi bahambisane nophawu olufakiwe lwemingcele yesivinini. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi bafika bephephile futhi ngesikhathi lapho beya khona.

“Ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabasebenzisa umgwaqo nethimba labakhi, kuhlelwe imizila ezosetshenziswa ngalesi sikhathi. Abashayeli bezimoto abasebenzisa ingxenye yomgwaqo uN3 njengamanje (phakathi kwePavilion no-M13), nalabo abasebenzisa iLancaster Bridge bazoqaphela ukuthi kumanje kufakwa izimpawu, imigoqo nezindlela zokunciphisa umgwaqo,” kusho uLowe.

I-SANRAL iyaxolisa nganoma yikuphi ukuphazamiseka komphakathi futhi iyabonga ngokubekezela kwabo ngalesi sikhathi.