AMALUNGU omphakathi ebhikishela umgwaqo eNdwedwe Isithombe: SITHUNYELWE
KUTHIKAMEZEKE izinhlelo ezehlukene umphakathi obuvutha ungabaselwe waseWard 16 no-17 eNdwedwe uvala umgwaqo uP100 ngombhikisho.
Lo mphakathi ukhala ngomgwaqo uP716, okuthiwa sekuphele iminyaka ungalungiswa.
Abanye abafundi abakwazanga ukuya esikoleni, kwathi abanye abantu abadala bangakwazi ukuya emsebenzini.
Ngokusho kwelungu lomphakathi, uNksz Thulile Ntshangase, umqwaqo ebebewubhikishela ubalulekile kulama-ward amabili futhi sekuneminyaka wonakala.
“Awoniwanga yizikhukhula, ubuvele wonakele. Uma kune imvula uya ngokuya uba mubi kakhulu,” kuchaza uNksz Ntshangase.
Uthe ukungalungiswa kwawo umgwaqo kushaya kuzwele emalungwini omphakathi njengoba izingane ziphoqeleka ukuthi zilove esikoleni uma kune izulu ngoba akuhambeki.
“Nabahamba ngezimoto nabo bayathikamezeka ngoba azikwazi ukuhamba kuwo uma linile,” kusho uNksz Ntshangase.
Uthe bazimisele ngokuthi baqhubeke nombhikisho wabo kuze kube iyakunakwa inkinga ababhekene nayo.
Elinye ilungu lomphakathi uMnuz Mandla Shangase lithe sekukaningi beluphakamisa udaba nobuholi bukamasipala kodwa buwuhlabe inhlali.
“Esikufunayo thina wumgwaqo, sifuna kufakwe itiyela ngoba sekucacile ukuthi inkwali ayisisebenzeli,” kusho uShangase, othe umgwaqo abakhuluma ngawo uguguleka nayo inkwali esuke ifakiwe, uma linethile.
IMeya kaMasipala waseNdwedwe uMnuz Sam Mfeka ithe inalo ulwazi ngalo mgwaqo onenkinga, wathi futhi uyazi nangesiteleka.
“Umgwaqo uwudaba oludala esilwaziyo. Besihlale siwuzama ngogandaganda nenkwali kodwa kamumva nje umphakathi uthe usufuna ukuthi ufakwe itiyela. Lokho ke okoMnyango wezokuThutha,” kusho uMfeka.
Uqhube wathi njengoba beyile emphakathini izolo ngesikhathi unesiteleka, bathembisile ukuthi bazowubizela umnyango oqondene nalokhu, wathi bahlela ukuthi lokho kwenzeke ngaphambi kokuthi kuphele leli sonto.
Uveze nokuthi ubuke waba khona umhlangano obe ngasekuqaleni kwenyanga edlule obekulindeleke ukuthi uthele izithelo kodwa kwaphazamisa izikhukhula ezigugule ibhuloho eliholela kulendawo, kwaba zima kanjalo njengoba kusalungiswa lona.
Related Topics: