Izindaba

Icebolethu Funerals Yenza Izinguquko Kuma-Premiums

Sponsored Content|Published

Icebolethu Funerals, engenye yezinhlangano ezihamba phambili embonini yezokungcwaba eNingizimu Afrika imemezele izinguquko ezibalulekile kuwo wonke amapholisi kusukela mhlaka 01 kuNdasa ka-2024.

Lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokucubungula amapholisi, kubhekwe nesimo somnotho kanye nezindleko zokuhlela imingcwabo ehloniphekile futhi esezingeni eliphezulu.

Lolu shintsho kuma-premium luhambisana nokuzibophezela kweCebolethu ekusebenzeleni umphakathi ngezinga eliphezulu nokugcina izithembiso. Nakuba amapremium ekhuphuka, siphinde sakhuphula nenani umuntu nomuntu akhavwe ngalo ukuze siqiniseke ukuthi uthola izinzuzo ezisezingeni eliphezulu. Ngokuka Mthokozisi Bhengu, oyi-Managing Executive eCebolethu, uthi ukukhushulwa kokugcina kwama-premium eCebolethu kwagcina ngo-2021.

Uqhube wathi “Icebolethu Funerals lidlulisa ukubonga kumalunga alo ngokuqhubeka nokuthemba lenkampani nokuhlala nayo iminyaka eminingi kangaka. SiyiCebolethu sisazibophezele ekusebenzeleni imindeni ngesizotha nangokuzikhandla ngezikhathi ezinzima lapho isidinga khona.”

Kule minyaka edlule iCebolethu selikhokhe izicelo eziyizinkulungwane, okwenze imindeni eminingi ikwazi ukufihla abathandiweyo bayo ngesizotha, nangesikhathi.

Icebolethu Funerals iyaqhubeka nokubeka phambili inhlalakahle nokwaneliseka kwamalungu ayo.

Uma unemibuzo, sicela ungangabazi ukuthinta Icebolethu Funerals ku-0860 000 7580, noma uvakashele igatsha eliseduze nawe.