Izindaba

Amaphoyisa acekele phansi izidakamizwa zezigidi

Fanelesibonge Bengu|Published

Umkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola ecekela phansi izidakamizwa Isithombe: SAPS

Umkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uhole ithimba elicekele phansi izidakamizwa ezingabiza uR550 million ezitholwe ngamaphoyisa emikhankasweni ahlukene.

Izidakamizwa zihlanganisa i-mandrax, cocaine, tik ne heroine. Zishaqwe emikhankasweni yamaphoyisa ezifundazweni eziyisithupha iKwaZulu-Natal, Limpopo, Free State, Gauteng, North West naseMpumalanga.

Amaphoyisa athe kusuka ngo-Okthoba kuze kube yimanje, asethole umthamo omkhulu wezidakamizwa eThekwini nowodwa eGqeberha.

"Kumele sikuveze ukuthi i-cocaine engabiza uR300 million ishaqwe kulezi zinyanga ezine ezedlule. Isigameko sakamuva senzeke echwebeni laseThekwini ngoDisemba 4 2023 lapho kutholwe izitini ezingu-433 ze-cocaine ezingabiza u-R151 million ezazifihlwe sengathi amabhokisi enyama."

Amaphoyisa athe athole ukuthi kunomkhuba wokuthi izidakamizwa zilethwe kuleli zifihlwe sengathi upende noma amabhokisi enyama.

Athe ngesonto eledlule acekele phansi izidakamizwa ezingabiza uR90 million e-Eastern naseWestern Cape.

Aqhube athi kulo nyaka zimali sekucekelwe phansi izidakamizwa ezingabiza imali engaphezu kukaR1 billion kanti ngoka-2022/2023 kucekelwe phansi ezibiza uR2 billion.