UMGILWA olunywe yizinja uSthandile Mkhize Isithombe: SITHUNYELWE
USESIMWENI esibucayi umfundi waseThokoza eMzinto, odephunwe kanzima yizinja zaseMaromeni (khona eMzinto), okumanje usalaliswe esibhedlela iNkosi Albert Luthuli eThekwini.
USthandile Mkhize (16) kuthiwa walunywa yizinja ngoJanuwari 4 nonyaka.
Kuthiwa esigamekweni, izinja zamhlephula zombili izindlebe, zamkhipha iso, zalishiya lilenga, zaphinde zamluma umzimba wonke okubalwa nekhanda.
Endaweni yesigameko kuthiwa kwaficwa amasingili ayewalukile esaphazeke wonke umgwaqo.
Kuthiwa amasingili ayephume nezinwele, nenyama.
Kuvela nokuthi igazi laligcwele yonke indawo.
Unina, uNksz Nonjabulo Mkhize, uthe uzwa ubuhlungu ngendodakazi yakhe okumanje odokotela bathe kuningi okungeke kusasebenza kuyona.
“Phakathi kwakho bathe yimizwa yokuhleka engeke iphinde isebenze, enye ingalo engeke isasebenza, neso elingeke lisabona,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe odokotela babuye bamtshela nokuthi abakazi ukuthi uzokhiswa nini esibhedlela uSthandile, njengoba esalokhu ephuma engena egumbini lokuhlinzwa.
Echaza ngesigameko, uthe wafonelwa abezimo eziphuthumayo bemazisa ngokuthi indodakazi yakhe ilimele kakhulu.
Uthe bamlanda kwayiwa esibhedlela iGJ Crookes, kwagcina ngokuthi uSthandile adluliselwe eNkosi Albert Luthuli.
Uveze ukuthi esebuya esibhedlela, waya endaweni yesigameko, eyobheka umkhondo womnikazi wezinja.
Uthe watholana nomnikazi, okungumuntu amaziyo kodwa wamfihlela ukuthi izinja ngezakhe.
“Wathi yena (umnikazi) wazithela phezu kwazo ehamba ngemoto, zibhuquzisa ingane yami, wazikhuza ngebhande, zabaleka,” kulandisa uNksz Mkhize.
Uthe wacela lona wesilisa ukuthi amfunise umnikazi wazo, wamthembisa kodwa ngokuhamba kwesikhathi wagcina esengena ezintangeni.
“Ngigcine ngithola ukuthi izinja ezakhe. Uthi nengane isiphapheme, ishilo ukuthi umalume wuye owazikhuza izinja, waze wazibiza nangamagama azo,” kusho uNksz Mkhize.
Uqhube wathi uthole nokuthi uye lona wesilisa owabiza i-ambulensi, wangabe esavela uma sebefikile abezimo eziphuthumayo esigamekweni.
UNksz Mkhize uveze ukuthi okumkhube umoya yindlela asingathe ngayo udaba lona wesilisa.
Uveze nokuthi nesenzo samaphoyisa aseMzinto sokuthi angamvuleli icala emuva kokuyalelwa wudokotela, simxove umoya.
Uthe ugcine ethola ukuthi umnikazi wezinja wazana namaphoyisa akulesi siteshi, okumenze wasola ukuthi yikho engamsizanga.
“Ngithe ngiya khona ngokuyalelwa udokotela, elinye iphoyisa langincenga, lathi liyamazi umnikazi wezinja, licela sixoxisane naye ngingalivuli icala,” kulandisa uNksz Mkhize.
Uthe wabuyela ngakusasa kulesi siteshi emuva kokuthi udokotela egcizelele elokuthi kufanele livulwe icala.
“Ngifike lingasekho leli phoyisa elikhulumele umnikazi wezinja, ngafica amanye. Nawo ngibonile ukuthi athatha uhlangothi ngoba avele athi kuzomele kulindwe ingane yami ize ilulame ngaphambi ukuze kuvulwe icala,” usho kanje.
Uthi elinye lalawa maphoyisa lize lathi “vele icala aliboli, lingavulwa ngisho emuva konyaka”.
“Ngifuna ubulungiswa ngengane yami ngoba ngigcine ngithola ukuthi lezi zinja aziqali ukulimaza umuntu futhi ngosuku lwesigameko umnikazi wazo kuthiwa wayevule isango, yingakho zagcina ziphuma ziyolimaza ingane yami izihambela emgwaqweni,” kusho uNksz Mkhize.
Imenenja yezokukhangisa kwiDurban and Coast SPCA, uNkk Tanya Fleischer, ithe bona babhekelela kakhulu amacala aqondene nokuhlukunyezwa kwezilwane.
“Izikhalo ezifuze lezi, zezinja ezihlasela abantu bezihambela emgwaqweni, zibikwa kumasipala wendawo noma emaphoyiseni omgwaqo kumasipala othintekayo,” kusho uNkk Fleischer.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe uzoxhumana nesiteshi saseMzinto ukuthola kabanzi ngalolu daba
Ubalule ukuthi uma kuyimpelasonto, bavame ukungabikhona abaseshi ngakho angaze abe nezimpendulo namhlanje.
Related Topics: