Izindaba

Umholi weDA usola undunankulu ngokulanda ‘izidakwa eshibhini’ aziqashe

Fanelesibonge Bengu|Published

Umholi weDemocratic Alliance uJohn Steenhuisen Isithombe: Courtney Africa

Kugxekwa inkulumo yomholi weDemocratic Alliance, uMnuz John Steenhuisen, ayenze eSoshanguve ngempelasonto lapho ethe uNdunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi ulande ‘izidakwa eshibhini’ wazenza abantu abalwa nobugebengu.

USteenhuisen ubengaphandle kwesiteshi samaphoyisa eSoshanguve ekhala ngokwanda kwezigameko zobugebengu obuhambisana nodlame kule ndawo.

Uthe eGauteng izigameko zokubulawa zinyukile futhi ezweni jikelele kubulawa ngesihluku abantu abangu-75 ngosuku.

“Wenzeni uPanyaza Lesufi? Uthathe imali yenu yentela wathenga imifaniswano engalingani kahle ezitolo kwaPep wanikeza abantu abangaqeqeshiwe wenza sengathi balwa nogubengu. Umuntu onjani olanda izidakwa eshibhini, azinikeze umfaniswano nezikhali bese ezidedela emphakathini?” kubuza uSteenhuisen.

Uhulumeni waseGauteng waqeqesha waphinde waqasha abantu, ababuye bateketiswe ngokuthi ngaMaPanyaza abalinganiselwa ku-6 000 ukuthi balwisane nobugebengu emphakathini.

Ngesikhathi uSteenhuisen ethula inkulumo yakhe, ibinamekwa bukhoma ekhasini leqembu ku-X okuyilapho abantu bekhale khona ngayo.

Owayengumholi weDA noseneqembu iBuild One South Africa, uMmusi Maimane uthe: “Cima lento John. Funda ubuntu.”

UPaballo Maseko uthe: “Eshibhini ngoba bamnyama angithi? Qhubeka uziveze ukuthi uyacwasana ngokubuhlanga. Abantu bayabona ukuthi ningobani njengeqembu.”

UVusi Thembekwayo uthe iDA ayiwadingi amaqembu aphikisayo ngoba izenzela yona.

Abanye baphawule kanje: