Izindaba

Kudutshulwe abesilisa abathathu eThekwini

Fanelesibonge Bengu|Published

Abezimo eziphuthumayo besendaweni yesigameko lapho kudutshulwe khona abesilisa abathathu eThekwini ngoMgqibelo ebusuku Isithombe: ALS Paramedics Medical Services

Kudutshulwe kwabulawa abesilisa ababili, omunye waphuthunyiswa esibhedlela enenqwaba yamanxeba okudutshulwa eMontclair, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke emgwaqweni uRadcliffe.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS Paramecids Medical Services, bathe bathole inqwaba yezingcingo ngaphambi kancane kokuthi kushaye u-9 ebusuku.

Ngesikhathi befika endaweni yesigameko kanye kanye nabakwa-EMRS, bafike amaphoyisa esekhona futhi evale indawo.

Bathe babe sebekhonjiswa imoto ebinenqwaba yezimbobo zenhlamvu kuyo.

“Abezimo eziphuthumayo bathole abesilisa abathathu emotweni base beyabahlola. Ngebhadi ababili okukholakala ukuthi iminyaka yabo iko-30 bebenenqwaba yamanxeba okudutshulwa emzimbeni, futhi kuqinisekiswe ukuthi bafile endaweni yesigameko. Omunye wesilisa naye okukholakala ukuthi uneminyaka eko-30, ubenenqwaba yamanxeba okudutshulwa esesimeni esibucayi,” kusho abe-ALS.

Bathe bamxilongile ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela.

Imbangela yalesi sigameko bathe ayaziwa kodwa amaphoyisa asaphenya.