Izindaba

Kubulawe unogada kwalimala omunye

Intatheli YeSolezwe|Published

ABEZIMO eziphuthumayo besendaweni yesigameko lapho kudutshulwe khona onogada ababili eMlaza ngoMsombuluko, emini Isithombe: FACEBOOK / ALS PARAMMEDICS MEDICAL SERVICES

Kubulawe ngokudubbula unogada ngasenxanxatheleni yezitolo edumile eMlaza, eThekwini, ngoMsombuluko ntambama.

Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo, be-ALS Paramedics Medical Services, owesilisa okukhokakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa ku-30, utholakale enemanxeba okudutshulwa futhi akukho obese kungenziwa ukumhlenga.

“Omunye unogada okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa ku-30 ubenamanxeba amaningi okudutshulwa futhi esesimeni esibucayi,” kusho abe-ALS Paramedics.

Bathe uxilongiwe ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela, ukuthi alashwe ngokusheshayo.

“Okwamanje okuholele kulesi sigameko akukaziwa kodwa amaphoyisa abesendaweni yesigameko futhi azophenya.”