Izindaba

Uhlelo lokuhlomulisa ebebeshiywa ngaphandle yiNSFAS

Zimbili Vilakazi|Published

Sizoqala kuwo lo nyaka (2024) isigaba sokuqala sokuxhaswa kwezitshudeni ezaziwa nge-missing middle ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, iSayensi namaKhono, uDkt Blade Nzimande, esithangamini sabezindaba ngeSonto.

I-missing middle yilezo zitshudeni ebezingakwazi ukuthola uxhaso lokufunda esikhwameni esilekelela abafundi iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngenxa yokuthi abazali bazo bebehola imali engaphezu kukaR350 000 ngonyaka.

Echaza kabanzi uNzimande uthe imali okuzoxhaswa ngayo izitshudeni iyimali-mboleko, okuzofanele ziyibuyise uma sezisebenza.

“Lesi sikhwama sizoxhasa izitshudeni ezizalwa abazali abahola phakathi kukaR350 000 noR600 000 ngonyaka umholo wabo usuhlanganisiwe. Lezi zitshudeni bezingakwazi ukuxhaswa isikhwama seNSFAS ngoba sona sibhekelela izitshudeni ezinabazali abahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka. Lesi siyiqalo esihle ukuqinisekisa ukuthi kubhekelelwa wonke umuntu odinga uxhaso,” kusho uNzimande.

Uveze ukuthi ngokolwazi abanalo, zingu-11% izitshudeni ezingena ngaphansi kwe-missing middle.

“Isigaba sokuqala sizoqalwa manje ngo-2024, njengoba kuzoxhaswa izitshudeni ngoR3.8 billion. Uhhafu (ka-11%) wezitshudeni uzoxhaswa kuwo lo nyaka,” kuchaza uNzimande.

Uqhube wathi kuzoxhaswa izitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme okukhona kuzo namakolishi, wathi ngale kokuthi abazali kufanele bahole umholo othile, kuneminye imigomo ebekiwe ukuze izitshudeni zikwazi ukuphumelela ezicelweni zazo.

“U-70% wemali-mboleko kuzobhekelelwa ngawo izitshudeni ezifuna ukufundela imikhakha yePhysics neMathemathics bese kuthi u-30% kuhlomule izitshudeni ezifuna ukuqhubeza izifundo zazo emkhakheni we-Humanities,” kusho yena.

Ubuye wabalula nokuthi ukuze isitshudeni sikwazi ukuqhubeka sithole uxhaso, kuzofanele siphase ngo-60%.

“Uma isitshudeni siqede iziqu zaso ngesikhathi esibekiwe, saphinde saphasa izifundo zaso ngo-70% nangaphezulu, u-50% wemali-mboleko uzophenduka umfundaze, isitshudeni sigcine sibuyisa imali engu-50% uma sesisebenza,” kusho uNzimande.

Uthe banethemba lokuthi lokhu kuzonciphisa neziteleka eziye zibonakale ezikhungweni zemfundo ephakeme njalo uma kuqala unyaka.

Uveze ukuthi bazobambisana nezinhlaka ezehlukene okukhona kuzo eminye iminyango kahulumeni, osomabhizinisi abazimele kanjalo nazo izikhungo zemfundo ephakeme.

Uthe eminye imininingwane ngalolu hlelo, bazoyimemezela kahle uma kudlula ukumenyezelwa kwemiphumela ka-matric.