Izindaba

Iphoyisa lisolwa ngokubulala intombi nonina abebelikhuza ngejubane

Fanelesibonge Bengu|Published

I-IPID ibophe iphoyisa elisolwa ngokubulala abababili nokuzama ukubulala oyedwa Isithombe: Ipid

Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokubulala intombi (28) nonina (44) wayo nokuzama ukubulala isingababa layo ngemuva kokuthi belikhuze ngokushayela ngesivinini esiphezulu.

Lesi sigameko senzeke eCaroline, eMpumalanga, ngeSonto.

Ngokusho kohlaka oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), iphoyisa (33) elisolwayo linguConstable.

"Isingababa lihanjiswe esibhedlela nenxeba lokudutshulwa ehlombe. Kusolwa ukuthi iphoyisa lifelwe yimoto labe selizoyishayela ucingo intombi yalo ukuthi lizoyisiza ngokuthi idonswe. Intombi iyile ukuyolisiza ihamba nonina nesingababa layo," kusho i-iPid.

Kuthiwa kusuke ingxabano kulaba bobathathu nephoyisa njengoba belishayela ngesivinini esiphezulu.

"Iphoyisa kusolwa ukuthi libadubule bobathathu. Lizovela enkantolo namhlanje (ngoLwesibili) libhekene namacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala."