Izindaba

Owe-karate ukhala ngoxhaso lwakhe ‘oludliwe’ owoKhozi FM

Thokozani Ndlovu|Published

UMDLALI we-karate, uSphamandla Mpungose okhala ngo-Ayanda Msweli ukuthi usebenzise uxhaso lwakhe obeluphuma kuMasipala waseMlalazi Isithombe: SITHUNYELWE

Ukhala ezimathonsi umdlali we-karate, waseMlalazi ngomethuli wohlelo lwezemigwaqo kukhozi FM, amsola ngokuthi wambambisa udonga ngoxhaso olwalukhishwe wumasipala ukuthi ayomela iNingizimu Afrika, eBrazil.

USphamandla Mpungose (25) uthe ubethole uxhaso kuMasipala waseMlalazi, lohambo oluya eBrazil nyakenye kodwa alufikanga kuyena ngenxa ka-Ayanda Msweli.

Uthe uMsweli wayexhunyaniswe naye yizikhulu zikamasipala, ezathi wuyena ozosingatha zonke izindaba zakhe zohambo.

Uthe emva kokukhohliswa wuMsweli wagcina esesizwe wuMasipala weTheku, owamkhokhela amathikithi ebhanoyi.

“Ngangiye kuMasipala waseMlalazi ngiyocela uxhaso lohambo lokuya emncintiswaneni we-karate eBrazil, ngonyaka odlule. Kumasipala bavuma ukuthi bazongixhasa ngamathikithi ebhanoyi nendawo yokulala, bangiphe nemali engizoyidla.

Ngesikhathi sibheka nabo kwi-Internet, sathola ukuthi amathikithi azobiza u-R66 000 ukuya nokubuya, kube wu-R58 000 wendawo yokuhlala ngoba ngangizohlala inyanga yonke, bese kuba wu-R30 000 engangizophiwa wona.

Okwenzeka wukuthi sesivumelene ngakho konke, bangixhumanisa noMsweli engingazi ukuthi wayezokwenzani kamasipala. Bathi wuyena osezosingatha yonke into yami, ngokunjalo nemali bazoyinika yena,” kusho uSphamandla.

Uthe uMsweli waya komenzela iPassport, wamthengela izikhindi ezimbili nezikibha ezimbi, iselula iSumsang A03 nesikhwama seNike namateki e-Adidas.

“Inkinga yaqala sekumele athenge ithikithi lebhanoyi. Ngambuza ukuthi useyibhukhile yini indawo engizolala kuyona eBrazil. Kunokuthi angiphendule wavele wavuka ngolaka wangihlohla ngamagama, ethi wufuna ukuthenga amathikithi ebhanoyi.

Uma nginqaba ukuthi awathenge ngingenayo indawo yokulala phambili, wavele wangiduba. Kusuka lapho akabuyanga wafuna ukuxhumana nami, nasocingweni engangiphenduli uma ngimshayela,” usho kanje.

U-AYANDA Msweli woKhozi FM, okukhala umdlali we-karate ngaye ngokuthi usebenzise uxhaso lwakhe lwemali ebiphuma kumasipala Isithombe: SIGCINIWE

Kuthintwa uMsweli, uthe impela uke wasebenzisana noSphamandla kodwa wayemsiza, ayikho imali ayinikwa wumasipala ngohambo lwakhe.

“Mina ngangiseMlalazi ukuyolungisa izinto zami kanti ngizofica uSphamandla ecela usizo lokwenzelwa iPassport ngoba ezoya eBrazil.

Ngangenela lapho, ngathi ngizomsiza ngoba ngazi abantu. Ngaze ngakhipha emalini yami elinganiselwa ku-R11 000 ngimthengela izinto ayezozidinga ohambweni lwakhe,” kusho uMsweli.

Okhulumela uMasipala waseMlalazi, uNonhlanhla Jele, uthe ayikho imali abayinika u-Ayanda Msweli ngohambo lukaSphamandla. Uthe uma kukhona okunye esifuna ukukwazi ngalo, ucela sibuze kuyena uMsweli.

USphamandla uthe kungamanga ukuthi akaxhaswanga njengoba ngisho nemeya yakulo masipala yaya emndenini wakhe, yawuthembisa ukuthi bazoluxhasa uhambo lwakhe. Uthe kwaze kwenziwa ngisho nomcimbi wokumvalelisa.

EseseBrazil esehanjiswe wuMasipala weTheku, uthe wayexhumana noSomlomo wakhona eMlalazi, ebuza ukuthi kuhamba kanjani eBrazil ngoba babazi ukuthi yibona abaxhase uhambo lwakhe. Kukhona neScreenshot seWhatsApp lapho usomlomo waseMlalazi ayedlala khona ividoyo kaSphamandla eseBrazil, encoma ukuthi ubamele.

Emva kokukhuluma noMsweli, uSphamandla uthe uphinde washaya ucingo (uMsweli) emncenga ukuthi amsize kwezinye izinto zakhe ngokukuthi ayokhuluma emaphepheni.

Uthe unqabile. Okwenze abone ukuthi yikona okumcasulile uMsweni, wavele wamchapha ngenhlamba embiza ngaphansi kwezikhethi zikanina. Uthe uMsweli wathi ngeke aphumelele (yena umfana) uma ecabanga ukuthi uzomdicilela phansi.