Izindaba

I-Eskom ithi ayazi uzolunga nini umonakalo wezikhukhula

Fanelesibonge Bengu|Published

Umonakalo odalwe yizikhukhula eThekwini ngempelasonto: Isithombe: Doctor Ngcobo

Inkampani ephehla ugesi i-Eskom ithi izikhukhula eziphinde zahlasela KwaZulu-Natal ngeSonto ebusuku zidale omunye umonakalo.

Ithe abasebenzi bayo basebenza ngokuzikhandla kodwa kunzima ukufinyelela kwezinye izindawo.

“Asikho isikhathi esikaliwe ukuthi inkinga izolunga nini.”

Ithe izindawo ezikhahlamezeke kakhulu zihlanganisa ezisogwini oluseningizimu, eMzimkhulu, Vryheid, Dundee, Mtubatuba, Bergville, KwaDukuza, Ulundi naseMpangeni.

NgeSonto ikhiphe isitatimende ithi izikhukhula zangoMgqibelo ebusuku zilimaze ingqalasizinda yayo ezindaweni ezahlukene futhi ijube ongoti bayo ukuthi bayolungisa.

Izindawo ebezithinteka yilezi: EMgungundlovu, Margate, Kokstad, Newcastle, Ladysmith, KwaDukuza, Zululand naseMpangani.

NgeSonto ntambama ithe ngenxa yokuba ngcono kwesimo sikagesi, ukucinywa kwawo ngeke kusakhuphukela esigabeni sesine njengoba yayishilo.

Ithe kuleli sonto ugesi uzocinywa ngokwesigaba sesithathu kuze kube wu-5 ekuseni ngoLwesine.