Izindaba

Izikhukhula zilimaze ingqalasizinda ye-Eskom

Fanelesibonge Bengu|Published

Kusale kunje KwaDukuza ngemuva kwezikhukhula ngoMgqibelo ebusuku Isithombe: Storm Report SA/Facebook

Inkampani ephehla ugesi, i-Eskom ithi izikhukhula ezihlasele KwaZulu-Natal ngoMgqibelo ebusuku zicekele phansi ingqalasizinda yayo.

“Ongoti bethu bajutshiwe (lapho konakele khona) kodwa asikho isikhathi esikaliwe sokuthi kuzolunga nini,” kusho yona esitatimendeni.

Ithe izindawo ezithintekayo yilezi: EMgungundlovu, Margate, Kokstad, Newcastle, Ladysmith, KwaDukuza, Zululand naseMpangani.

Kwenzeka lokhu nje, ngoMgqibelo emini le nkampani imemezele ukuthi ugesi ngeke ucishwe ngokwesigaba sesine kusuka ngo-4 ntambama njengoba yayishilo.

Ithe uzocinywa ngokwesesithathu bese kuthi ngeSonto ucinywe ngokwesigaba sesine kusuka ngo-4 ntambama.

NgeSonto ekuseni uthe sekuzoqhubeka ukucinywa ngokwesigaba sesithathu kuze kube wu-5 ekuseni ngoLwesine.

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana baveze ukuthi mkhulu umonakalo odalekile.

Umsakazi weVuma FM uMankini Mgenge, uthe kuwe udonga olubiyile kwalimala negumbi lokulala kwamakhelwane.

*Kufakwe isimemezelo se-Eskom sokuthi ngeke ugesi usacinywa ngokwesigaba sesine kusuka ngo-4 ntambama njengoba ibimemezelile ngoMgqibelo.