Izindaba

I-PAC iyophuza itiye noZuma eNkandla

Khulekani Maseko|Published

UMENGAMELI wePAC, uMnuz Mzwanele Nyhontso obehambele entabeni iqembu iKhenani, eyocelela iqembu lakhe izibusiso kuNyazilwezulu isithombe: Sbonelo Ngcobo/Independent Media

Umengameli we-Pan Africanist Congress of Azania (PAC), uMnuz Mzwanele Nyhontso, uthe bayameseka owayengumengameli, uJacob Zuma, ngokulaxaza i-ANC ajoyine uMkhonto weSizwe futhi bazoya kophuza naye itiye eNkandla, ngoLwesihlanu.

UZuma usematheni kulezi zinsuku ngokumemezela uMkhonto weSizwe owethulwe ngoDisemba, wonyaka odlule. UZuma ukubeke kwacaca ukuthi usehamba noMkhonto weSizwe, uzovotela wona okhethweni.

UNyhontso oyilungu lePhalamende, uxoxe neSolezwe ngoLwesithathu, ngesikhathi behambele entabeni iKhenana, eNdwedwe, lapho kubuthene khona ibandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni. AmaNazaretha asentabeni enkonzweni yawo yaminyaka yonke lapho asuke eyocela khona izibusiso, abanye beyobonga.

UNyhontso ubehamba nabanye abaholi beqembu beyocela izibusiso kumholi webandla Unyazilwezulu. Uthe i-ANC izenze yona njengoba ihlubukwe wuZuma ebe eyingwevu yenhlangano.

"Akekho umuntu ophile kahle engqondweni ongahlasela umakadebona womzabalazo oyilungu lenhlangano yakhe futhi owayewumengameli kuleyo nhlangano nasezweni. Lokhu okwenzakayo, i-ANC izicelele yona ngokuphatha kabi isishoshovu sayo," usho kanje.Uthe okwenziwa wuZuma njalo uma evula umlomo egcizelela ukuthi umhlaba awubuyele ebantwini, kwenza kube nesidingo sokumeseka nokuthi i-PAC isebenzisane naye njengoba akushoyo kungeminye yemigomo yabo ekumthethosisekelo waleli qembu.

Uveze ukuthi njengePAC bahlela ukuvakashela emzini walo mholi "ukuyophuza itiye" eNkandla.

AMAPHOYISA asiqaphe ngelokhozi isimo entabeni iKhenana njengoba amaNazaretha aholwa nguNyazilwezulu ehleli kuyo kuze kube sekupheleni kukaJanuwari Isithombe: Sbonelo Ngcobo/Independent Media

Mayelana nokuhambela umhlangano wamaNazaretha okulindeleke ukuthi ehle entabeni emva kwamasonto amathathu, uthe njengeqembu eligcizelela ubu-Afrika, banqume ukuthi bahambele leli bandla, bazocela izibusiso kuNyazilwezulu.

Intaba IKhenana yembozwe yinqwaba yamadokodo njengoba amakholwa aleli bandla ezochitha inyanga yonke kulo mhlangano waminyaka yonke, ngoJanuwari.

Eceleni komgwaqo, kunenqwaba yabadayisi abathengisa izinto ezehlukene, kusukela ekudleni, imvunulo, izihlangu nokunye. Ngaphandle kwezidlo ezinhlobonhlobo ezitholakalayo, kunabanye abebefika, abebematasa begxumeka amadokodo kanti esangweni elingenela emzini woNyazi, iningi lamakholwa beliphethe izigubhu zamanzi ngenhloso yokubusiselwa wona.

I-PAC eyasungulwa wuMnuz Robert Sobukwe ngo-1959, ingelinye lamaqembu omzabalazo wenkululeko amadala kuleli.